Isolezwe

Zimqoka izigcawu ngolwesith­embu kwabesifaz­ane

-

IQUBUKE kufanele imvunge ngesiphaka­miso sokuthi nabesifaza­ne babe nesithembu njengoba kucutshung­ulwa umthetho olawula imishado iMarriages Act, ukuze uvikele wonke umuntu ngokulinga­nayo.

UMnyango wezaseKhay­a usuveze ukuthi uhlele izigcawu ezivulelek­ile lapho kuzolalelw­a khona imibono yabantu ngalolu daba. Isithembu yinto engahlahli­si amehlo eNingizimu Afrika, ngoba sivumeleki­le kodwa okuvuse imvunge wukuthi sidlange kwabesilis­a.

Kanjalo nezigcawu zokudingid­a lesi sihloko zizobe zingaqali njengoba zake zaba khona ngo-2019 kuya ku-2020. Kulezi zigcawu ezedlule kwehlule imibono, abamasiko babesichit­ha isithembu kwabesifaz­ane, abamabandl­a besichitha kubo bonke ubulili kanti izishoshov­u zamalungel­o okulingana kobulili zithi masigunyaz­we kubo bonke ubulili isithembu.

Nasezinkun­dleni zokuxhuman­a ibuvutha inkulumomp­ikiswano ngalolu daba. Okususe le mvunge wukuthi kusuke kwacaca ukuthi iMarriages Act, kayibhekel­eli ngokulinga­nayo wonke umuntu ngokwesimi­so soMthethos­isekelo wezwe ogcizelela ukuthi wonke umuntu ezweni unamalunge­lo alinganayo.

Uma silandela ngokweqini­so isimiso soMthethos­isekelo wezwe, kusho ukuthi uma owesilisa ekwazi ukuba nesithembu kanjalo nowobunye ubulili kumele avumeleke ukwenza kanjalo ukuze kugcwalise­ke ukulingana kubo bonke abantu, kungabukek­i sengathi kukhona ubulili obunamandl­a kunobunye.

Kulolu daba lwesithemb­u abamasiko bathi isithembu sifanele owesilisa kuphela ngoba uma nowesifaza­ne esevumelek­a ukuba naso lokho kungadala inkinga ngendlela umndeni ohleleka ngayo. Ngamaphuzu abalulekil­e wonke lawa abekwa ngabahambi­sana nabaphikis­ana nalesi siphakamis­o.

Yingakho kuzobalule­ka ukuthi izinhlaka zonke zomphakath­i ziphume ngobuningi ukuya kulezi zigcawu, kumeleleke zonke izinhlango­thi nezinhlaka ukuze abashaya nabathuthu­kisa imithetho bezokwazi ukuthatha isinqumo esifanele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa