Inhlonipho nesizotha kuyokuphilisa isikhathi eside
UBUCHWEPHESHE nomlando wempilo kuveza ukuthi okuphezulu kumele kubuye phansi kanti ngisho ibhanoyi lihamba phezulu nje kodwa lakhiwa phansi.
Zinqala impela izinto okumele sizibheke kule nyanga yokubungaza ubu-Afrika, okumele kube seqhulwini yinhlonipho nesizotha.
Umuntu onodlambedlu ubhekene nokwexwaywa ngaso sonke isikhathi, ngisho usunebhizinisi oliqalayo kuyovundululwa ukuziphatha kwakho bese iyafadalala imizamo yakho.
Kepha uma ungumuntu ohloniphayo nozothile uyohlale wamukeliswa isihe nomusa ebantwini.
Ayikho into enhle njengokuthi uhlale emuva emcimbini bese uyacelwa ukuba uzohlala phambili, lapho usuke usuvuna isithelo sentobeko kunokuba uhlale uxoshwa phambili ngoba unokunkonkomala.
Inhlonipho iyohlala ikubeka ethubeni lokukwazi ukuhlaziya ngaphambi kokuthatha isinqumo.
Noma ungadlondlobala kangakanani empilweni kodwa uma bengekho abangakufakazela ubumnene bakho, usengozini ngoba icala lembula ingubo lingene. Kunezikhathi endulo lapho wawuhlonishwa uma uwumuntu othanda impi kodwa namuhla impilo ishintshile, sesiphila ngokuhwebelana.
Uma kuhwetshwa, kubhekwa indlela umuntu ayiyo emphakathini ngaphambi kukuba kuthathwe isinqumo. Kuyacaca ukuthi labo abasendulela babeneso elijulile uma ubheka imfundiso yabo. Uma ubheka impilo yanamuhla, uyabona futhi kuningi esingakuhlomula.
Lichazani igama elithi inhlonipho? Uma ulibheka, liphuma kulesi senzo ukuhlonipha nokuhloniza.
Uma umuntu ehloniza usuke esaba ukwenza okuthize yingakho uma umuntu enza ukungahloniphi phakathi kwabantu kuthiwe ave engenamahloni.
Inhlonipho iluvalo olukufikelayo njalo uma ufuna ukwenza okuphambene nokuphilisana nabantu.
Inhlonipho akukhona ukuthithibala ugoqe izandla kuphela kepha kuqala kumuntu ngamunye azihloniphe yena bese kuba lula ukuhlonipha abanye.
Uma ubheka imibhalo etholakala eBhayibhelini, umyalelo uthi hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni. UMdali akazandisi izinsuku zomuntu kepha zanda ngokwenza kahle. Manje le nto ithini ngomsamo njengoba sesathuka abasizalayo sababiza ngamadimoni?
Izwe liyahlwathizela nje wukushabalala kobumqoka benhlonipho. Uma ungahloniphi uzibeka endaweni yokwahlulelwa kabi kanti uma uhlonipha uzibeka endaweni yokunganakwa kakhulu ngisho lapho izinto zikubhedela empilweni usheshe uthole umusa nesihe ebantwini.
Uma ubheka umsuka waleli gama ngeminyaka yo- 14BC, lalichaza ukubheka emuva noma ukucabangela abanye abantu. Umuntu ongabheki akanandaba nalabo abambeke lapho ekhona. Siphila esikhathini lapho singabantu sibheke phambili, imuva lethu liphenduke ihlazo nento yokufihlwa.
Kasicabangi ngemvelaphi ngenxa yokuthi kasihloniphi lapho sivela khona manje iphakade lethu liyakusibusisa kanjani singabheki emuva sibonge sizothe? Ifutho noma ummbila omusha uqhamuka engqathwini noma embewini yakudala, okusha kuvela kulokho okwakwendulela. Kunesisho sasendulo esithi ihlonipha nalapho ingayukwendela khona.
Abaningi bacabanga ngomendo nokuthi ngowesifazane kuphela okumele ahloniphe ezweni ngoba akazi uyokwendelaphi.
Ake ngikuchaze lokhu, wonke umuntu emhlabeni uyenda yingakho abakini bengumndeni ngoba yilapho owendela khona ngegazi waze wafunda amasiko nemikhuba yabo. Lokho kukodwa nje kuwukwenda ngoba ukuba wathathwa uqeda ukuzalwa wayiswa kwelinye izwe, ngabe ukhuluma olunye ulimi ngoba wawuzobe wendele kwamanye amagceke.
Wonke umuntu kumele ahloniphe yikhona kuzoba khona uzinzo ezweni.
Angiphinde futhi, ihlonipha ngisho lapho ingayokwendela khona ngoba kungenzeka uthi uyagcwaneka kanti wedelela umqashi wakho wakusasa noma umuntu oyoxhasa ibhizinisi lakho ngelinye ilanga.
Buka nje ababetekula ngeSilo uShaka, uSigidi uMlilwana kaSenzangakhona, kwaba nzima esebusa izwe.
Umlando nezimfundiso zasendulo ziqukethe okuningi okungasivula imiqondo, kuthi sinezimvo ezintsha zempilo kodwa sibe sinesisekelo salabo abasendulela. Inhlonipho ihamba ibanga elide futhi iyisibusiso, ikwenza uphile kade.
ISILILO 3:25 - UJehova muhle kwabamethembayo, kumphefumulo omfunayo.