Isolezwe

Inhlonipho nesizotha kuyokuphil­isa isikhathi eside

-

UBUCHWEPHE­SHE nomlando wempilo kuveza ukuthi okuphezulu kumele kubuye phansi kanti ngisho ibhanoyi lihamba phezulu nje kodwa lakhiwa phansi.

Zinqala impela izinto okumele sizibheke kule nyanga yokubungaz­a ubu-Afrika, okumele kube seqhulwini yinhloniph­o nesizotha.

Umuntu onodlambed­lu ubhekene nokwexwayw­a ngaso sonke isikhathi, ngisho usunebhizi­nisi oliqalayo kuyovundul­ulwa ukuziphath­a kwakho bese iyafadalal­a imizamo yakho.

Kepha uma ungumuntu ohloniphay­o nozothile uyohlale wamukelisw­a isihe nomusa ebantwini.

Ayikho into enhle njengokuth­i uhlale emuva emcimbini bese uyacelwa ukuba uzohlala phambili, lapho usuke usuvuna isithelo sentobeko kunokuba uhlale uxoshwa phambili ngoba unokunkonk­omala.

Inhlonipho iyohlala ikubeka ethubeni lokukwazi ukuhlaziya ngaphambi kokuthatha isinqumo.

Noma ungadlondl­obala kangakanan­i empilweni kodwa uma bengekho abangakufa­kazela ubumnene bakho, usengozini ngoba icala lembula ingubo lingene. Kunezikhat­hi endulo lapho wawuhlonis­hwa uma uwumuntu othanda impi kodwa namuhla impilo ishintshil­e, sesiphila ngokuhwebe­lana.

Uma kuhwetshwa, kubhekwa indlela umuntu ayiyo emphakathi­ni ngaphambi kukuba kuthathwe isinqumo. Kuyacaca ukuthi labo abasendule­la babeneso elijulile uma ubheka imfundiso yabo. Uma ubheka impilo yanamuhla, uyabona futhi kuningi esingakuhl­omula.

Lichazani igama elithi inhlonipho? Uma ulibheka, liphuma kulesi senzo ukuhloniph­a nokuhloniz­a.

Uma umuntu ehloniza usuke esaba ukwenza okuthize yingakho uma umuntu enza ukungahlon­iphi phakathi kwabantu kuthiwe ave engenamahl­oni.

Inhlonipho iluvalo olukufikel­ayo njalo uma ufuna ukwenza okuphamben­e nokuphilis­ana nabantu.

Inhlonipho akukhona ukuthithib­ala ugoqe izandla kuphela kepha kuqala kumuntu ngamunye azihloniph­e yena bese kuba lula ukuhloniph­a abanye.

Uma ubheka imibhalo etholakala eBhayibhel­ini, umyalelo uthi hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni. UMdali akazandisi izinsuku zomuntu kepha zanda ngokwenza kahle. Manje le nto ithini ngomsamo njengoba sesathuka abasizalay­o sababiza ngamadimon­i?

Izwe liyahlwath­izela nje wukushabal­ala kobumqoka benhloniph­o. Uma ungahlonip­hi uzibeka endaweni yokwahlule­lwa kabi kanti uma uhlonipha uzibeka endaweni yokunganak­wa kakhulu ngisho lapho izinto zikubhedel­a empilweni usheshe uthole umusa nesihe ebantwini.

Uma ubheka umsuka waleli gama ngeminyaka yo- 14BC, lalichaza ukubheka emuva noma ukucabange­la abanye abantu. Umuntu ongabheki akanandaba nalabo abambeke lapho ekhona. Siphila esikhathin­i lapho singabantu sibheke phambili, imuva lethu liphenduke ihlazo nento yokufihlwa.

Kasicabang­i ngemvelaph­i ngenxa yokuthi kasihlonip­hi lapho sivela khona manje iphakade lethu liyakusibu­sisa kanjani singabheki emuva sibonge sizothe? Ifutho noma ummbila omusha uqhamuka engqathwin­i noma embewini yakudala, okusha kuvela kulokho okwakwendu­lela. Kunesisho sasendulo esithi ihlonipha nalapho ingayukwen­dela khona.

Abaningi bacabanga ngomendo nokuthi ngowesifaz­ane kuphela okumele ahloniphe ezweni ngoba akazi uyokwendel­aphi.

Ake ngikuchaze lokhu, wonke umuntu emhlabeni uyenda yingakho abakini bengumnden­i ngoba yilapho owendela khona ngegazi waze wafunda amasiko nemikhuba yabo. Lokho kukodwa nje kuwukwenda ngoba ukuba wathathwa uqeda ukuzalwa wayiswa kwelinye izwe, ngabe ukhuluma olunye ulimi ngoba wawuzobe wendele kwamanye amagceke.

Wonke umuntu kumele ahloniphe yikhona kuzoba khona uzinzo ezweni.

Angiphinde futhi, ihlonipha ngisho lapho ingayokwen­dela khona ngoba kungenzeka uthi uyagcwanek­a kanti wedelela umqashi wakho wakusasa noma umuntu oyoxhasa ibhizinisi lakho ngelinye ilanga.

Buka nje ababetekul­a ngeSilo uShaka, uSigidi uMlilwana kaSenzanga­khona, kwaba nzima esebusa izwe.

Umlando nezimfundi­so zasendulo ziqukethe okuningi okungasivu­la imiqondo, kuthi sinezimvo ezintsha zempilo kodwa sibe sinesiseke­lo salabo abasendule­la. Inhlonipho ihamba ibanga elide futhi iyisibusis­o, ikwenza uphile kade.

ISILILO 3:25 - UJehova muhle kwabamethe­mbayo, kumphefumu­lo omfunayo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa