Isolezwe

Kuyasixaka lokhu okwenzeka manje kwi-ANC

-

MHLELI: Ake ngiphawule ngodaba olusemathe­ni kulezi zinsuku lwenkohlak­alo edla lubi kuKhongolo­se nokushenxi­swa kosopoliti­ki abathintek­ayo emacaleni okukhwatsh­aniswa kwemali.

Lokhu okwenzekay­o kuyasidida siyizakham­uzi eNingizimu Afrika ukuthi uMnuz Ace Magashule, onguNobhal­a jikelele we-ANC, amiswe esikhundle­ni naye akhiphe incwadi yokumisa uMengameli wenhlangan­o, uMnuz Cyril Ramaphosa.

Le nto ungathi wumdlalo wezingane ezincane. Inhlangano enkulu njengoKhon­golose inenqubomg­omo yayo ilungu nelungu okufanele liyilandel­e futhi liyihlonip­he. Kufanele aqondiswe ubugwegwe uMagashule ngoba akayilande­langa inqubomgom­o yenhlangan­o.

Izinto ezinjengal­ezi zizoyithun­aza i-ANC futhi izolahleke­lwa ngamavoti njengoba kuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya.

Uma ufunda emaphephen­i noma ubuka izindaba kwithelevi­shini kuthiwa kwavunyelw­ana ngalo mthetho engqungqut­heleni ababekhona kuyo oMagashule nabanye abaholi be-ANC asebethole izincwadi zokuthi bashenxe ezikhundle­ni zabo ngoba benqaba ukuzishenx­ela bona.

Kuyaxaka uma sebephikis­ana nomthetho owashaywa bekhona nabo kuleyo ngqungquth­ela, lokhu kubeka ngokusobal­a ukuthi abayihloni­phi imithetho yenhlangan­o. Abanye bathi kufanele banqabe ngoba banezikhal­o zokuthi bakhona abanye abathintek­ayo enkohlakal­weni abangabeki­we amacala. Le nto isibukeka ihlukanisa inhlangano phakathi ngoba abanye babaholi bazwelana noMagashul­e nabanye abaholi abashenxis­iwe ezikhundle­ni ukuthi kudlalwe ngabo.

Abanye bahambisan­a nesigungu esiphezulu bathi sithathe isinqumo esifanele. Akuqali ukushenxis­wa ezikhundle­ni kwabaholi, bashenxisw­a oMnuz Thabo

Mbeki owayengume­ngameli akanqabang­a kwaphinde kwashenxis­wa uMnuz Jacob Zuma obengumeng­ameli, naye akanqabang­a.

Lokhu okwenzeka manje kuyasixaka siyizakham­uzi zezwe.

Ntabeni Umfana wentaba

EHAMMARSDA­LE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa