Sinyukile isibalo sabakhononda ngamabhange
UMXAZULULI wezinkinga ezithinta amabhange uNkk Reana Steyn, uthi bayanda abantu abakhononda ngamabhange ehhovisi lakhe, kanti ngonyaka odlule uthole izikhalo eziwu-7 717.
Isibalo sezikhalo sikhule ngo-19% ngoba ngo-2019 wayethole eziwu-6 472. UNkk Steyn uveze ukuthi u-8 389 wezikhalo akade ezithola ngezabantu abangazange banikeze amabhange abo ithuba lokuzixazulula kuqala.
“Ngo-2019 bawu-4 709 abantu ababenganikezanga amabhange abo ithuba lokuxazulula izikhalo zabo kodwa ngonyaka odlule isibalo siye sadlula u-8 000. Lokhu kwenziwa wukuthi abantu bebehluleka ukuxhumana nabasebenzi basebhange ngesikhathi kuvalwe izwe. Yingakho bebevele bathumele izikhalo ku-Ombudsman for Banking Services (OBS),” kusho uNkk Steyn.
Izikhalo eziningi azitholile (1 338) ngezama-akhawunti (current accounts) lapho abantu bebekhala ngokuqolwa, izindleko ezikhokhwa nyanga zonke nokuthi amabhange awawavali ama-akhawunti uma ecelwa ngabantu.
Izikhalo eziwu-981 bekungezithinta i-internet banking nakhona abantu bebekhala ngokuqolwa. Izikhalo ezithinta ama-credit card beziwu-895, ezithinta ama-ATM ziwu-732.
UNkk Steyn uthe akubonile ngezikhalo wukuthi abantu bebekhala ngokuqolwa kanti abanye bebeze bafakele izigebengu imali badalule nemininingwane yabo eyimfihlo. Ubadonse ngendlebe abantu ukuthi bahlale beqaphile ngoba amaqola asebenzisa izindlela ezihlukene zokubaqola.
Isiyonke imali akwazile ukuyibuyisela kubantu uthe iwuR16 million ngoba uma ethola ukuthi imali yalahleka ngenxa yobudedengu bebhange ubeliyalela ukuthi likhokhele ikhasimende.
Abantu babuye bakhala ngezinkinga ezilethwa yiCovid-19 kwazise bebehluleka wukuxhumana namabhange abo. Izikhalo ezithinta izikweletu zezindlu ziwu-583 kanti eziwu428 zivune amakhasimende amabhange kwathi eziwu-155 zavuna amabhange.
Izikhalo ezithinta izikweletu zezimoto zibe wu-454 eziwu367 zivune amabhange kwathi eziwu-87 zavuna abamangali. Uveze nokuthi abantu bebekhala ngokuthi amabhange achitha izicelo zabo zokubehlisela imali abayikhokhayo ngesikhathi seCovid-19.
Uchazile nokuthi bekufanele bathumele ubufakazi obucacisayo ukuthi incishisiwe imali ebangenelayo nyanga zonke. Izikhalo eziningi ezingene ehhovisi likaNkk Steyn, zivela eGauteng 50%, kulandele iWestern Cape 17%, kugcine iKwa–Zulu Natal ngo-12%.
Izikhalo eziningi zivela kubantu abaneminyaka engaphezu kuka-40.
Uthe izikhalo zamanye amabhange zinyukile ngaphandle kwe-Absa okungakhalwanga ngayo kakhulu. Uthe kulo nyaka uthole izikhalo eziwu-943 nge-Absa uma kuqhathaniswa neziwu-1 483 ezazingene ngo-2019.
Bawu-2 197 abakhale ngeFNB, babe wu-1 572 abakhale ngeStandard Bank, babe wu-1
217 abakhale ngeNedbank kanti bawu-1 259 abakhale ngeCapitec.
UNkk Steyn uthe abantu bangalithinta noma kunini ihhovisi lakhe kodwa baqale bazame ukuxazulula izinkinga zabo namabhange.