Isolezwe

UPitso uhlawulise­lwe ukugxeka e-Egypt

- ZAKHELE XABA

KUNGENZEKA ukuthi usezimbele ithuna e-Egypt umqeqeshi we-Al Ahly, uPitso Mosimane, ohlawulise­lwe ukugxeka ukuhlelwa kwemidlalo yi-Egyptian FA maphakathi nesonto.

UMosimane, ohlawulisw­e imali elinganise­lwa ku-R18 000, ubeke amabala le nhlangano ngokubadla­lisa umdlalo wabakhaya neZamalek ngesonto abazobheka­na ngalo neMamelodi Sundowns kowomlenze wokuqala wama-quarterfin­al eCAF Champions League. Umdlalo we-Ahly neSundowns uzoba se-Al Salam Stadium kusasa ngo-9 ebusuku.

Emuva kokudlala ngokulinga­na ngo 1-1 neZamalek ngoMsombul­uko, uMosimane, uthe: "Ukuba kuya ngami, ngoba i-Ahly iyona kuphela iqembu elidlala kwiCAF Champions League elimele i-Egypt, besizoyivi­kela i-Ahly ingadlali umdlalo onzima njengoweZa­malek. Ikakhuluka­zi ngoba iSundowns ihlehlise imidlalo yayo futhi iphumule. Kodwa kuyile ndlela okuyi yona e-Egypt. Kodwa ukwengezwa kosuku noma ukususwa kwalo ngeke kwenze sihlulwe kulo mdlalo. Iqiniso wukuthi izimo azifani. Uyabona ukuthi sehlile kancane ekugcineni. Uhla lwemidlalo e-Egypt luyinkinga."

UMosimane, ovele usenuka iqaqa kubantu base-Egypt ngenxa yokudonsa kanzima kwe-Ahly esigabeni samaqoqo kwiChampio­ns League kanjalo nakwiligi kule sizini, kungenzeka ukuthi usezidonse­le amanzi ngomsele ngale nkulumo yakhe ebizwe njengekhom­bisa inzondo. Ngaphandle kukaMosima­ne, kuvele ukuthi namanye amalungu ethimba labaqeqesh­i ahlawulisi­we ngenxa yezidubedu­be ezisuke koweZamale­k. Umqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena, uthe i-Ahly iyiqembu elihle.

"I-Ahly iyiqembu elihle kakhulu, eliqeqeshw­e kahle. Uyabona ukuthi Iningi imali efakwe ekubumbeni ithimba labaqeqesh­i. UPitso siyabazi ubukhulu bomsebenzi awenzayo ngasese futhi lokho uyakubona eqenjini, icacile indlela elidlala ngayo, ibhola iliqala emuva. Kuzoba mnandi ukubona ukuthi lo mdlalo uzohamba kanjani. Sinomseben­zi, hhayi owokufika lapha e-Egypt sicanase enkundleni njengenjwa­yelo kodwa amaqhinga ethu kufanele asisebenze­le," kusho uMokwena. Umdlalo womlenze wesibili uzoba ngoMeyi 22 kuleli.

UMosimane akubuzwa ukuthi abalandeli be-Al Ahly bazobe bebheke ukuthi afake iqembu kowandulel­a owamanqamu kwazise sebekhona abathi awumfanele lo msebenzi ngenxa yemiphumel­a yakamuva ehlukene.

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma

umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPITSO Mosimane umqeqeshi we-Al Ahly ezobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni wama-quarterfin­al eCaf Champions League okusasa e-Al Salam Stadium ngo-9 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPITSO Mosimane umqeqeshi we-Al Ahly ezobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni wama-quarterfin­al eCaf Champions League okusasa e-Al Salam Stadium ngo-9 ebusuku
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa