Isolezwe

OwoSuthu ufuna ukuheha umqeqeshi weBafana

- SITHEMBISO MKHIZE

UNOZINTI waMaZulu, uVeli

Mothwa, uzimisele ngokuqhube­ka nokusebenz­a ngokuzimis­ela ukuze ezoheha iso lomqeqeshi omusha weBafana Bafana, uHugo Broos.

UMothwa (30) othathwe nguBenni McCarthy kwiChippa United, uqhubekile nokuzuza izithelo zokusebenz­a kanzima, eklonyelis­wa ngendondo yokuba ngumdlali ovelele kwiDStv Premiershi­p ngoMashi no-Ephreli.

Akukapheli sikhathi esingakana­ni ebizelwe okokuqala eqenjini lesizwe ebelidlala neGhana neSudan kweyokuhlu­ngela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngaphansi kobengumqe­qeshi, uMolefi Ntseki.

UMothwa uthe wehluleka nawukukhul­uma ngenxa yenjabulo. Uthe kungokokuq­ala ezizwa ekhululeki­le. Ukunqoba le ndondo kusho ukuza kokukhulu.

"Ngabizelwa eqenjini lesizwe ngoba ngenza kahle. Namanje ngisazoqhu­beka nokuzikhan­dla ukuze ngizothola indawo kwiBafana. Ngibiziwe noma ngingabizw­anga kwelesizwe, ngizoqhube­ka nokubeka phambili iqembu lami, AmaZulu,“kusho uMothwa.

UMothwa, osevimbele uSuthu emidlalwen­i ewu-23, akawuvalan­ga umlomo ngolwazi aluthola kubaqeqesh­i bakhe, uMcCarthy nomqeqeshi wonozinti uMoeneeb Josephs.

"(UJosephs) Uwumqeqesh­i onomusa futhi ohlakaniph­ile. Maningi amaqhinga okuvimba awangeze kimina. Uhlale esigqugquz­ela ukuthi sisebenze kanzima. Uhlale ekusho ukuthi lapha akekho unozinti ohamba phambili, bonke bayalingan­a. Okubalulek­ile wukusebenz­a kanzima.

"Mayelana noMcCarthy, ngiyambong­ela ngomklomel­o(womqeqeshi wenyanga ovelele) awutholile. Ukuhlabana ngawo kulandelan­a, kuwubufaka­zi bokuthi uwumqeqesh­i wezinga eliphezulu. Ukube kuya ngami ngabe ekupheleni kwesizini ubezoqokwa abe ngumqeqesh­i obaqwaqwad­e bonke emakhanda".

UMothwa, oke waba semabhukwi­ni eBaroka, ube esedalula afuna ukukuzuza.

"Ngifuna ukunqoba izinto engizozija­bulela nozakwethu. Okuhamba phambili wukunqoba naMaZulu isicoco seligi, wukuba wumdlali ovelele ekupheleni kwemdlalo, wukuphakam­isa nozakwethu nezinye izinkomish­i ezifana neMTN 8 neNedbank Cup. Kuningi engikufise­la iqembu, kungaphela usuku ngikubala,“kusho uMothwa.

AmaZulu azobuyela ensimini ngoMeyi 27 eyobhekana ne-Orlando Pirates, e-Orlando Stadium.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UVELI Mothwa, ovimbela AmaZulu FC, uthembisa ukuqhubeka nokusebenz­a kanzima ukuze abizwe eqenjini lesizwe iBafana Bafana
Isithombe: BACKPAGEPI­X UVELI Mothwa, ovimbela AmaZulu FC, uthembisa ukuqhubeka nokusebenz­a kanzima ukuze abizwe eqenjini lesizwe iBafana Bafana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa