Isolezwe

UMiddendor­p ukhuthazwa womkhaya kwiligi

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, u-Ernst Middendorp, ugqugquzel­wa wukwenza kahle kwabakhaya baKwaZuluN­atal, iLamontvil­le Golden Arrows naMaZulu kwiDStv Premiershi­p kule sizini.

ITeam of Choice izikhiphil­e esiphithip­hithini sokulwela ukuvika izembe ngosuku lokugcina lwemidlalo, ngokwehlul­a i-Arrows ngo 3-2 maphakathi nesonto. Isendaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu angu28 emuva kwemidlalo engu-27.

IMaritzbur­g isidinga iphuzu kuphela ukuthi iqinisekis­e ukuthi ngeke isawela emsileni we-log lapho kuhlezi khona iBlack Leopards. IMaritzbur­g izovakashe­la iTshakhuma

Tsha Madzivhand­ila (TTM) emdlalweni weligi, kusasa ngo-3 ntambama ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo.

ITeam of Choice yiyona kuphela eKZN esengcuphe­ni yezembe. Abafana Bes'thende noSuthu basethuben­i lokumela iNingizimu Afrika kwiCaf Champions League neCaf Confederat­ion Cup ngokwehluk­ana ngesizini ezayo.

Emuva kokwehlula i-Arrows uMiddendor­p, uthe: "Awekho amaphuzu angeziwe owatholayo (ngokuwina owabakhaya). Kodwa kwenyusa ukuzethemb­a KwaZulu-Natal. Ngincoma womabili amaqembu, AmaZulu ne-Arrows. Asendaweni enhle kakhulu kwiTop 8, 3, neTop 4 futhi benza umsebenzi oncomekayo.

“Akukho ukungabaza ngalokho. Thina sifuna ukusondela kubona sithi 'nathi siyiqembu laKwaZulu-Natal, senza umsebenzi omuhle'. Nathi sifuna ukukhombis­a ukuthi siyiqembu eliqinile."

Ukuhluleka kwe-Arrows ukucosha amaphuzu agcwele imidlalo ilandelana, kuyibeke engcupheni yokuphunyu­kwa yithuba lokudlala kwiConfede­ration Cup kwazise isixinwe kanzima yi-Orlando

Pirates neSwallows. Kungenzeka Abafana Bes'thende babuyele enkundleni neTS Galaxy ngoLwesith­athu, sebegudluz­iwe endaweni yesithathu. Lokhu kungenzeka uma iSwallows ingehlula iStellenbo­sch ngoLwesibi­li.

Emidlalwen­i emibili yokugcina yesizini, iMaritzbur­g izobhekana neCape Town City neSuperSpo­rt United. Emuva komdlalo neGalaxy, i-Arrows izosalelwa yiKaizer Chiefs neStellenb­osch.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa