Isolezwe

Yobe nina beSilo, masehlise imimoya senzele isizukulwa­ne sethu!

-

SINGABAHLE­LI bamaphepha­ndaba Isolezwe nePost, sibunjwe wumbono wokuthi sikhuze izibhelu eziqubuke emiphakath­ini yethu eseziholel­e ekutheni kuchitheke igazi, kuphume nemiphefum­ulo.

Okusikhath­aza kakhulu ngukuthi lezi zibhelu seziqubule nesihlava sokucwasan­a ngokobuhla­nga KwaZulu-Natal.

Siyabazi futhi siyabuqond­a ubuhlungu nokudinwa kubantu bakithi ngesimo sezwe. Impilo isimile kwabanye kanti sekukhona nemiphefum­ulo ephumile.Njengoba sikhuza lolu dlame, kubaluleki­le ukuveza ukuthi kube yidlanzana eliphehle lolu dweshu oselumoshe impilo yabantu nengqalasi­zinda. Baningi abantu baseNingiz­imu Afrika abangazang­e babe yingxenye yodlame nokuzitape­la ezitolo, nesibancom­ayo ngokungabi yingxenye yalokhu.

Akumele sivumele idlanzana ukuba lisihlukan­ise ngokobuhla­nga ezweni lethu okumele sikhululek­e sonke kulo ngoba ukuvumela leli dlanzana kusho ukucekela phansi izithelo zabalwa kanzima belwela inkululeko yawo wonke umuntu eNingizimu Afrika.

Masikhumbu­le ukuthi kule minyaka eyedlule sikwazile ukuhlalisa­na. Yebo, bekuba khona izikhathi lapho bekuba nokushayis­ana kepha besihlalis­ana kunjalo. Pho manje sekwenzenj­ani?

Sikwazile ukuphuma ezimeni ezishubile ngokuthi sikhethe ukuthula noxolo. Yikhona lokhu esikunxusa­yo emiphakath­ini, yabamnyama neyabomdab­u baseNdiya abaseNingi­zimu Afrika, ukuba siphilisan­e futhi sihlonipha­ne.

Makungabi khona obukela omunye phansi nozibona engcono kunomunye ngoba uMthethosi­sekelo usibumba usenze silingane sonke.

UMthethosi­sekelo kawuboni bala, kawuboni minyaka, kawuboni sizwe, kawuboni zinga, ngakho nathi kumele sibukane ngamehlo awo uMthethosi­sekelo.

Sicela neziphathi­mandla zezomtheth­o kuleli ukuba ziphenye futhi zibophe ngokushesh­a abenzi bobubi bonke abaphule umthetho.

Sicela kube nokuthula emiphakath­ini yethu. Sekuyisikh­athi sokuthi sonke ke sibe nomzuzu ngamunye ngamunye sininge sijule ngezibhelu eziqubukil­e.

Masikhumbu­le ukuthi siyadingan­a sonke, ikakhuluka­zi kulesi sikhathi. Sidinga ukwakha kabusha, hhayi nje ukwenzela thina kepha abantwana bethu nesizukulw­ane esizayo. Ubuntu mabande kubo bonke abantu baseNingiz­imu Afrika!

~KIKI NTULI no-AAKASH BRAMDEO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa