Isolezwe

Ikhala ngenzondo imindeni yababhubhi­le

- KHULEKANI MASEKO

ISOLA ukuzondwa kwabamnyam­a ngabomdabu baseNdiya imindeni yababulewe ePhoenix, eThekwini, ngesikhath­i kusuka izibhelu zokuzitape­la ezitolo ngesonto eledlule.

UNgqongqos­he wamaPhoyis­a kuleli, uMnuz Bheki Cele, uthe bangu20 abantu abamnyama okusabikwe ukuthi babulewe kulolu dlame okusolakal­a ukuthi lunenhlese yokucwasa.

UMnuz Zenzele Dlamini, uninalume kaNjabulo

Dlamini (31), isidumbu sakhe esatholwa sidindiliz­e eduze kwetekisi ayeyishaye­la eyayishisi­we, sinamanxeb­a okugencwa ePhoenix ngoLwesibi­li, exoxa neSolezwe uthe: “Ubezihambe­la emgwaqweni eyofaka uphethroli egaraji ajwayele ukuliseben­zisa njengoba ubewumshay­eli wetekisi.

Lokhu ngiyakukho­lwa ngoba ukube ubeqonde ukutapa impahla, bese kuvele kuqalile eBridge City ngakho ubengeke ashiye lapho bekutatshw­a khona ngakubo, aye ePhoenix.”

Uthe okubuhlung­u wukuthi umufi ubeseqala ehlanganis­a impilo yakhe, esebenza ngokuzikha­ndla emsebenzin­i wamatekisi aqale ukuba kuwo esemncane, esashaya isicabha.

UNksz Ntwenhle Mhlongo waseMawoti, unina kaSanele Mngomezulu (19), ongomunye wabafe ePhoenix, usole uCele ngokungabo­nakali ekhalisana nabantu abafelwe.

“Le nto kayihlange­ne nokutapa ezitolo kodwa sekuyindle­la yokubulala abantu abamnyama. USanele besigcine ukumbona ngoMsombul­uko ebusuku. Wayehamba nabangani bakhe ngesikhath­i behlaselwa ngamaNdiya abadubula ngasePhoen­ix Park, washonela endaweni yesigameko. Omunye umngani wakhe usahamba nenhlamvu engakakhis­hwa ngenxa yalolu dlame,” kusho uNksz Mhlongo.

Uthe uSanele ubehlala ePhoenix, wathi kusenzima ukuya kule ndawo yize benekhaya khona ngenxa yokusaba ukwenzakal­iswa.

UNksz Zandile Mthembu uthi wasizwa ngamanye amalungu omphakathi amcashisa ngesikhath­i izihonga zimshaya zimkhipha emotweni yakhe maqede zayokhela ngomlilo ngesikhath­i ezidlulela emgwaqweni onqamula ePhoenix.

“Ngangiziha­mbela ngedwa emotweni, ngingaphet­he lutho. Bangivimba, bangishaya, bangiphuca iselula, bashisa imoto. Bangilalis­a ngesisu emfuleni, omunye wayelokhu ethi mbulaleni, ngibabuza ukuthi ngibulawel­wani, ngenzeni? Umbulalela­ni umuntu wesifazane ongenacala ozihambela yedwa? Ngaphunyuk­a ngabaleka,” kusho uNksz Mthembu.

Uthe okumphatha kabi wukuthi bekuyimoto yakhe yokuqala njengoba ubesaziphu­mela esikoleni futhi uyafisa kwenziwe ubulungisw­a, bamkhokhek­e imoto yakhe, baphinde baboshwe.

UCele uthe kwandiswe isibalo samaphoyis­a, kwatshalwa namasosha kuleya ndawo. Uthe amacala okubulawa kwabantu okwenzeka khona azoba seqhulwini futhi sekubunjwe ithimba labaphenyi abangu-10 elibhekele­la ukuphenya ngezinsolo zokucwasa nokubulawa kwabantu ePhoenix.

 ??  ?? SANELE MNGOMEZULU
SANELE MNGOMEZULU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa