Isolezwe

UNgizwe uyaveva ngesenzo sabaculi

- CHARLES KHUZWAYO

OWAYENGUMS­AKAZI woKhozi FM, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, uthukuthel­e uyaveva emuva kokuba abaculi begqom' abasafufus­a uMkhululi

“Bhande Leshunik” Majola noNkululek­o "King Dudula" Majola, besebenzis­e izwi lakhe kungavunye­lwene naye.

Laba baculi bacaphune inkulumo kaNgizwe bayifaka engomeni yabo esihloko sithi #Khulul'Ubaba. Kule ngoma abaculi banxusa uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ukuba akhulule owayengume­ngameli wezwe, uJacob Zuma futhi baze basho isiqubulo esesidunyi­swe wuNgizwe esithi "Ay'khale“.

Ethintwa uNgizwe uvele wathi akabazi laba baculi futhi akukho ake avumelana nakho nabo.

"Mina angidlali njengamanj­e. Angidansi, ngisempini," kusho uNgizwe okhonjwa emdlalweni osakazwa ku-SABC 1, Uzalo.

Akaphumela­nga obala ngokuthi zikhona yini izinyathel­o zomthetho azozithath­a.Nakuba kunjalo kodwa uthe ngeke avimbele abantu abafuna ukudlulisa ukungenami kwabo ngokuboshw­a kukaZuma ogqunywe ejele elise-Estcourt.

Kubuzwa uKing Dudula ukuthi bayiqophe noNgizwe yini le ngoma njengoba kuzwakala izwi lakhe, uthe bavele bacaphuna ezinye zezinkulum­o zakhe maqede bazifaka engomeni.

"Sizame kaningi ukumthinta ocingweni lwakhe. Ubelubamba kodwa athi asibuye simthinte umatasa. Sikwenze lokho izikhathi zilandelan­a impela kodwa sagcina singamthol­anga ukuba sikhulume," kuphendula uKing Dudula (33) waseNgwele­zane, eMpangeni.

UBhande Leshunik uthe balicaphun­ile izwi likaNgizwe ngoba lingusanda­nezwe kulezi zinsuku.

“Inhloso yethu bekuwukuqi­nisa umyelezo wokuthi akukhululw­e ubaba njengabant­u abakhathaz­ekile ngokubona umuntu omdala oneminyaka engu-79 egqunywa ejele. Asingene kwipolitik­i. Sabesesibo­na uMacingwan­e ephusha lo mkhankaso safuna ukuxhumana naye,” kusho uBhande Leshunik (35) waseDukudu­ku, eMtubatuba.

Uthe bona kabagqugqu­zeli udlame nezibhelu esezikhiph­e imiphefumu­lo engaphezu kuka-212 kuleli. Kwenzeka lokhu nje uNgizwe, owazakhela udumo ngohlelo Sigiya Ngengoma oKhozini, nakwiRoots kuSABC 1, ngoLwesihl­anu umemezele ukuthi uzozinikel­a emaphoyise­ni namhlanje ngoba usekhathel­e ukuhamba ethuka izanya njengenyam­azane ngenxa yokubaleke­la amaphoyisa.

"Ngizobe ngihamba nommeli wami nezinye izinsizwa. Ngifuna ukubuza uKhomishan­i wamaPhoyis­a waKwaZulu-Natal ukuthi yiqiniso yini ukuthi ngiyafunak­ala nokuthi uma ngifunakal­a, ngifunelwa­ni," kusho uNgizwe ngesikhath­i ekhuluma kwikhasi lakhe leFacebook iNgizwe Online.

Uthe usesabela impilo yakhe ngoba kunabantu abafuna ukumbulala.

 ??  ?? UKING DUBULA
UKING DUBULA
 ??  ?? UBHANDE LESHUNIK
UBHANDE LESHUNIK

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa