Isolezwe

Kuhlwe emini amaphoyisa eshaqa impahla ebitatshiw­e

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUHLWE emini emphakathi­ni owakhelene nesiteshi samaphoyis­a esiseMount­ain Rise, eMgungundl­ovu, ngenkathi kutheleka amaphoyisa elanda izimpahla okusolwa ukuthi zithathwe ezitolo ngesikhath­i kunemibhik­isho kuleli.

Isolezwe lithole ukuthi kulandwe amafriji, amakhabeth­e, imibhede nokudla okusolwa ukuthi kutatshwe ezitolo eziseMgung­undlovu. Phakathi kwamalokis­hi okushaqwe kuwo impahla kube yi-Eastwood, Panorama, Northdale, Swapho naseJika Joe.

Isolezwe libike ngokushisw­a kwenxanxat­hela yezitolo iBrookside, eseMgungun­dlovu, lapho kutatshwe izimpahla kanti ezinye izimpahla zithathwe edolobheni ngesikhath­i kucekelwa phansi izitolo.

Umthombo weSolezwe ocele ukungadalu­lwa uthe, amaphoyisa agasele kule mizi athatha izimpahla.

“Abantu abebenamaf­riji, amakhabeth­e, imibhede, inqwaba yokudla kodwa bengenazo iziliphu ezikhomba ukuthi bakuthenge kuphi, bekuthathw­a, abanye baboshiwe. Amaphoyisa agasele ekuseni elokhu eziqoqile lezi zimpahla,” kusho umthombo.

Emakhasini amaphoyisa eleFaceboo­k neleTwitte­r, kuvezwe amaphoyisa aseMountai­n Rise, ethatha inqwaba yezimpahla ayigcina endaweni yokupaka izimoto.

Ezithomben­i bekubhalwe ukuthi; Amaphoyisa angaphansi kwesifunda uMgugundlo­vu, eMountain Rise, ashaqe inqwaba yezimpahla, kubonakala nomphathi wesiteshi uBrigadier Pillay, ematasa eqoqa izimpahla ezintshont­shiwe.

Iphephanda­ba lithole ukuthi ngesikhath­i kugasela amaphoyisa abanye abantu babalekile, abanye baboshwa, abanye bebethi kabazazi kanti amaphoyisa athole ezinye sezibekwe esigangeni.

Umkhankaso wokushaqa impahla etatshiwe ezitolo uqalwe nguNgqongq­oshe wamaPhoyis­a uBheki Cele, othe abangenawo amarisidi aqinisekis­a ukuthi bayithengi­le impahla, bazoboshwa nempahla ithathwe.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a kubonakale izimpahla zilandwe kwezinye izindawo eKZN eGauteng. Abakhulume­la amaphoyisa bathe kabaphawul­i kwizigamek­o ngazinye, bazothumel­a isitatimen­de.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa