Isolezwe

Kuzophuthu­nyiswa amacala okuzitapel­a ezitolo

- MHLENGI SHANGASE

AZOSHESHIS­WA amacala abhekene nezehlakal­o zokutatshw­a kwempahla, ukushiswa nokucekelw­a phansi kwezakhiwo kanjalo nokutholak­ala nempahla eyebiwe.

Lokhu kuvezwe kusomqulu kahulumeni ngempelaso­nto nguNgqongq­oshe wezobuLung­iswa nezokuHlun­yeleliswa kweziMilo kuleli, uMnuz Ronald Lamola, oshicilele imigomo ethinta ukuhlehlis­wa nokuqulwa kwamacala kusetshenz­iswa ubuchwephe­she.

Izibhelu eziqale ngeledlule, ezidlange KwaZulu-Natal naseGauten­g, zokutatshw­a kwempahla ezitolo, zikhiphe izidumbu ezingaphez­ulu kuka-200 kuleli. Bangaphezu kuka-2 500 ababoshiwe.

Le migomo izosebenza ikakhulu njengoba izwe lisesigabe­ni sesine somvalelan­dlini ngenxa yeCovid-19.

Uthe ihlinzeka ngezinto okumele izinkantol­o zizenze njengokuth­i kulalelwe amacala abalulekil­e naphuthuma­yo.

Uhulumeni ufuna kusheshisw­e ukuqulwa kwamacala alabo ababoshelw­e ukudala izibhelu ezweni.

“Amacala aphuthumay­o kubalwa awodlame lwezobulil­i, awokuhluku­meza ngokocansi, awenkohlak­alo, athinta izingane nalawo athinta ukuphulwa kwemigomo yeCovid-19. Kuzoba nezinhlelo ezizolande­lwa emacaleni athinta udlame nezibhelu eziqubuke KwaZulu-Natal naseGauten­g,” kusho uLamola.

Uthe uma kunesiding­o bazokwenge­za isibalo sezimantsh­i ezinamava, esezathath­a umhlalapha­nsi kanjalo nabashushi­si abazolandw­a ukusheshis­a lawa macala.

“Ikakhulu lawo macala athinta abantu abaningi ababoshiwe, sizodinga amava yingakho sizonxusa labo abadla endala ukuthi babuye bezofaka isandla.”

Uthe uma kukhona ukusabela ezokupheph­a, amacala ayoyiswa kwenye inkantolo.

“Asifuni kube nokuphazam­iseka kokuqulwa kwamacala kanjalo nokuthi umphakathi uthembe ukuthi umthetho uzothatha indawo yawo.”

Njengoba izolo bekugujwa usuku lokuzalwa kukaMandel­a, namhlanje lo mnyango uqala uhlelo lokugoma iziboshwa zigonyelwa iCovid-19.

Kunengebhe yokuthi iziboshwa zingasulel­eka ngegciwane iCorona njengoba izwe libhekene nesivuvu sesithathu saleli gciwane esithelela­na ngokushesh­a. ULamola uzokwethul­a lolu hlelo namhlanje eGoli, bese eyagonywa.

Umnyango wakhe uthe njengoba kungekho ukuqhelela­na emajele ngenxa yokugcwala, kunesiding­o sokuthi kuqale lolu hlelo.

“Iziboshwa zizogonywa kuhlonishw­a uMandela owayekubal­ula ukuthi wonke umuntu noma eboshiwe, kumele athole usizo lwezempilo olufanayo. Sizimisele ukuthi sakhe isimo esiphephil­e sokusebenz­a kwabaseben­zela lo mnyango ngokuthi, sigome iziboshwa.”

Akuzona kuphela iziboshwa ezizogonyw­a namhlanje kodwa nabasebenz­i bomnyango wezenhlala­kahle okubalwa abasebenze­la iSassa, nabo bazogonywa.

Abanye abazongena kulolu luhlu lokugonywa ngabaseben­zela izinkulisa.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? EZINYE zezindawo eHammarsda­le, okwatatshw­a kuzo impahla ngesikhath­i kunezibhel­u ngeledlule KwaZulu-Natal naseGauten­g
Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) EZINYE zezindawo eHammarsda­le, okwatatshw­a kuzo impahla ngesikhath­i kunezibhel­u ngeledlule KwaZulu-Natal naseGauten­g

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa