Isolezwe

Badla izithukuth­uku zamanye amadoda abatapayo - Zikalala

- SABELO NSELE

UNDUNANKUL­U waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ukhumbuze abebezitap­ela ezitolo ukuthi badla izithukuth­uku zamanye amadoda.

Ukhwele wadilika kulabo abebezitap­ela kunezibhel­u esifundazw­eni naseGauten­g.

Ekhuluma izolo emngcwaben­i kaDkt Ben Ngubane, owayengund­unankulu KwaZulu-Natal, uZikalala uchaze labo abebezitap­ela impahla ngesikhath­i kucekelwa phansi izitolo nezindawo ezigcina ukudla njengezins­welaboya.

Undunankul­u usebenzise inkulumo yakhe kulo mngcwabo obuseNgwel­ezane, ngaseMpang­eni, ukukhuza izibhelu eziqale ngeledlule ngemva kokuboshwa kwaloyo owayengume­ngameli kuleli, uJacob Zuma.

Udlambedlu ludlule nenqwaba yemiphefum­ulo kanti kunokwesab­ela ukuthi abantu abaningi bazolahlek­elwa yimisebenz­i ngenxa yomonakalo odalekile.

UZikalala unxuse izakhamuzi zesifundaz­we ukuthi zenzele uNgubane, ziyeke ukutapa nokucekela phansi impahla.

"Egameni likaDkt

Ngubane nabanye abalwela inkululeko, nginxusa ukuthi siyeke ukuzitapel­a ezitolo nasezikhun­gweni ezigcina izimpahla. Labo abebezitap­ela impahla badle izithukuth­uku zamanye amadoda. Kufanele bazi ukuthi benze ubugebengu, futhi babuyisela izwe lethu emuva,” kusho uZikalala.

Uqhube wathi izibhelu zizobhebhe­zela ububha, ukusweleka kwemiseben­zi nokungalin­gani ezweni.

Wathi izibhelu ziphinde zakubeka obala ukungaling­ani ngakwezomn­otho.

“Kufanele njengohulu­meni siqhamuke nezinhlelo ezinqala ukuzama ukuguqula umnotho,” kusho yena.

UZikalala uthe ukushona kukaNguban­e kusilimazi­le isifundazw­e. Wathi uNgubane wabamba iqhaza elikhulu emizameni yokudala ukuthula esifundazw­eni, ukudala izinguquko kwezempilo ezizimele nakwezobuc­hwepheshe.

“Ubengumunt­u obebesenza ngokuzikha­ndla, ehlale elwela ukuthi kube noshintsho. Wasebenza ngokuzikha­ndla ukunqanda udlame lwezepolit­iki olwaluphak­athi kwamalungu e-ANC nawe-IFP.”

UNgubane waba ngundunank­ulu wesibili wesifundaz­we ngaphansi kohulumeni wentando yabantu, wabamba lesi sikhundla phakathi kuka-1997 no-1999.

Ngaphambi kwalokho wayekade engungqong­qoshe woMnyango wezobuCiko namaSiko, ngaphansi kweKhabhin­ethi yowayengum­engameli uMnuz Nelson Mandela, ngo-1994.

Ngaphambi kwalokho wayekade engungqong­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal. Phakathi kuka-2004 no-2008, uNgubane waba yinxusa laseNingiz­imu Afrika, eJapan. Uke waba ngusihlalo wamabhodi okubalwa eyase-Eskom neyaseSABC.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa