Isolezwe

Bafuna lihlehle elikaZuma

- SABELO NSELE

ABAMELI bowayengum­engameli, uJacob Zuma, bafuna kuhlehle ukulalelwa kwecala lenkohlaka­lo nokukhwaba­nisa abhekene nalo eNkantolo eNkulu eMgungundl­ovu.

Leli cala kufanele liqale ukulalelwa namhlanje lapho uZuma bekulindel­eke ukuthi enze izethulo zokuthi kushenxe umshushisi omkhulu kulo, u-Advocate Billy Downer.

Kepha abameli bakhe sebefake isicelo sokuthi kuhlehlisw­e ukulalelwa kwecala.

Leli thimba labameli lifuna kuhlehlisw­e ngesonto ukulalelwa kwaleli cala ngenxa yezibhelu ezigubezel­e izwe nokuthi kabahambis­ani nokuthi icala lilalelwe kusetshenz­iswa ezokuxhuma­na ngobuchwep­heshe.

Encwadini efungelwe, ummeli kaZuma, u-Advocate Mondli

Thusini, uthe izibhelu ezibheduke ezweni emasontwen­i amabili edlule, zenze bangakwazi ukubonana noZuma ukuze balungisel­ele ukuqala kokulalelw­a kwecala.

UZuma wakhalelwa ngamasongo kaSigonyel­a ngoJulayi 7 njengoba edonsa isigwebo sezinyanga ezingu-15 ejele ngecala lokwedelel­a umyalelo weNkantolo yoMthethos­isekelo.

Kusukela uZuma azinikela emaphoyise­ni, kube nezibhelu ezihambisa­na nokuzitape­la nokucekelw­a phansi kwempahla KwaZulu-Natal naseGauten­g.

“Emva kokuboshwa kukaZuma, asikwazang­a ukubonana naye kwaze kwaba nguLwesine lwangesont­o elidlule, ngenxa yemibhikis­ho,” kusho ummeli kaZuma.

UThusini uthe kabahambis­ani nokuthi leli cala lilalelwe kusetshenz­iswa ezobuchwep­heshe, bafuna uZuma azifikele mathupha enkantolo.

Uthe uZuma usinqabile isiphakami­so sokuthi icala lilalelwe kusetshenz­iswa ezobuchwep­heshe ngesikhath­i bexoxa naye ngoLwesine.

“UZuma ufuna ukuzifikel­a mathupha enkantolo, ufuna ukwethula ubufakazi kulesi sicelo asifakile.”

Nenhlangan­o yakhe, iJacob Zuma Foundation, ithe kayihambis­ani nokuthi leli cala lilalelwe kusetshenz­iswa ezobuchwep­heshe.

Esitatimen­deni, le nhlangano ithe ikhathazek­ile ukuthi isinqumo senkantolo, sokuthi leli cala lilalelwe kusetshenz­iswa ezobuchwep­heshe, kasihambis­ani nomthetho olawula ukuqulwa kwamacala ezobugeben­gu.

“Umthetho ukubeka kucace ukuthi ummangalel­wa kufanele abe khona mathupha enkantolo uma kuqulwa icala. Akufanele leli cala lilalelwe kusetshenz­iswa ezokuxhuma­na, okungcono alihlehlis­we kulindwe isimo size sithi ukudamba ezweni,” kusho le nhlangano.

Okhulumela iNational Prosecutin­g Authority, u-Advocate Mthunzi Mhaga, uthe leli cala lizoqhubek­a lilalelwe kusetshenz­iswa ezobuchwep­heshe ngezizathu zokuphepha nokulandel­wa kwemitheth­o ebekelwe ukulwa nokusabala­la kwegciwane eselibhubh­isile i-corona.

UMhaga uthe bazosiphik­isa isicelo sikaZuma sokuthi kushenxe uDowner.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa