Isolezwe

Makungagxi­lwa kwezomnoth­o uma kukhuculul­wa iNingizimu Afrika

-

UKUVUMA kukaMengam­eli Cyril Ramaphosa ukuthi kukhona uhulumeni obungakwen­za, ukuvimba izibhelu eziqubuke KwaZulu-Natal naseGauten­g, yisinyathe­lo sokuqala sokulungis­a isimo.

Phambilini umengameli wenze iphutha ngokuthi esikhundle­ni sokukhuza abantu baseNingiz­imu ngale nhlekelele, yena wayikhomba esizweni esithize.

Sibonile ukuthi leli phutha licasula abaningi futhi libhebheze­la isimo sokucwasan­a nokubukela­na phansi emphakathi­ni waseNingiz­imu Afrika.

Ubuholi obuqotho ngobokuthi uvume nxa wenze iphutha bese uqhamuka nezinhlelo ezifanele zokulungis­a leso simo.

Yilokho esikulinde­le njengamanj­e kuRamaphos­a, amaqhinga okukhuculu­la nokuthuthu­kisa izwe.

Ngokuthuth­ukisa izwe kasisho umnotho kuphela kepha nenhlalonh­le yabantu.

Umnotho ngeke usimame umphakathi usantula izidingo, ngeke futhi uthuthuke ekubeni kusekhona ukucwasana, ukungabeke­zelelani nokungahlo­niphani.

Inhlekelel­e yokuzitape­la ezitolo nokucekelw­a phansi kwengqalas­izinda yembule obala izinkinga ezinzulu iNingizimu Afrika ebhekene nazo.

Ububha, ukwentulek­a kwemiseben­zi nokucwasan­a ngokwebala nangobuzwe yizinkinga okumele zingasali ngaphandle ezinhlelwe­ni zikamengam­eli neziphathi­mandla ekukhuculu­leni nasekuthut­hukiseni izwe.

Siyavumela­na impela nombono wenhlangan­o yowayengum­engameli wakuleli, iThabo Mbeki Foundation, ethi izimo ezinzima abantu abaphila kuzo yizo ezibhebhet­hekise lezi zibhelu.

Le nhlangano inxuse ukuba kuhlangane izinhlaka ezehlukene zilekelele uhulumeni ekulweni nalezi zimo.

Esikufisay­o ngukuthi kubanjiswa­ne ukuthuthuk­isa izwe kepha makungathu­thukiswa umnotho kuphela, makukhucul­ulwe nezimo ezingahamb­isani nenhlalonh­le yabantu eziholela ekutheni kungene isihlava sobudlova emphakathi­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa