Isolezwe

Ngididwa ngabezinda­ba abangaboni ukuhlushwa kukaZuma

-

MHLELI: Ngivumele ngethule ilaka lami ngendlela enibika ngayo kumaphepha­ndaba. Okungaba awabomdabu, indlu emnyama noma elolimi lamaQadasi nabezindab­a kwiSABC.

Angiqale lapha odabeni lukaJacob Zuma. Ningidide nangiqeda uma nginiqhath­anisa ngesikhath­i sobandlulu­lo ngendlela enanizama ngayo ukubika izinto ezazisihlu­pha. Ngizocela ukunikhiph­a kancane nina beSolezwe, ngokubika ngesikhath­i sobandlulu­lo.

Kepha kulokhu okwenzeka kule mihla, nani ngiyanifak­a. UZuma ugwetshwe ekwakhe, egwetshwa yinkantolo enkulu kunazo zonke eNingizimu Afrika. Indaba iqala lapha.

UZuma ucele uSihlalo weKhomishi­ni iJaji uRaymond Zondo ukuba lishenxe esihlalwen­i kungene omunye ukuze aqhubeke nokwethula okucelwa yikhomishi­ni.

UZondo unqabile ukwehla esihlalwen­i. Nina bezindaba nahluleka noma ngingathi nesaba ukumkhumbu­za ukuthi uZondo wenqaba ukuba nephini kulo msebenzi. Wayenqabel­ani? Yini lena ayengafuni yaziwe ngowayezob­a yiphini? Ekunqabeni kwakhe ukushenxa esihlalwen­i, ucele ukuthi iNkantolo yoMthethos­isekelo igwebe uZuma iminyaka emibili ebhadla ejele. Nathula futhi nangasho lutho ngokunyath­elwa kwamalunge­lo kaZuma.

Abameli bakaZuma bafake amaphepha ukuphoqa iJaji uZondo ukuba lehle esihlalwen­i.

INkantolo yoMthethos­isekelo imane yamgweba izinyanga ezingu -15 ebhadla ejele. Abezindaba bathula, bangawukhu­za lo “mkhuba” oqalwayo wokuthi umuntu agwetshwe engekho ebhokisini futhi engenammel­i.

Kungenzeka yini ukuthi iJaji uZondo nozakwabo beNkantolo yoMthethos­isekelo, kabasaweth­embi amajaji asezinkant­olo ezinkulu? Sikhuluma nje uZuma uphakathi ejele kodwa azilandelw­anga zonke izigaba zokuboshwa nokuthethw­a kwecala lakhe. Nginombuzo-ke lapha, ngabe wonke umuntu oboshwayo ngezombang­azwe usezovele ayogwetshw­a inkantolo yokugcina ezweni?

Sipho Tembe

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa