Isolezwe

Masikhulek­ele ukuthanjis­wa kwenhliziy­o kaRamaphos­a

-

Izwe lisenkinge­ni amaloli awasebenzi uphethroli namafutha akusekho emagaraji amaningi ukudla akusathola­kali kalula kubi kithina esingatapa­nga ezitolo.

Siyacela Mengameli Cyril Ramaphosa udedele owayengume­ngameli ubaba uJacob Zuma ebese niqala ikhomishin­i entsha niqoke nejaji elisha uZuma ayothula khona ubufakazi. Siyavuma senisiboni­sile ukuthi akekho ongaphezu komthetho kodwa sesiyacela baba usibuyisel­e uZuma ukuze izwe llibuyele esimeni.

Inkani nokuqinisa ikhanda angiboni ukuthi kusiza ngani. Buka ukuthi izwe likuphi manje. Buka izinto ezimosheki­le. Bangaki nje abantu abaphelelw­e wumsebenzi? Bangaki asebeshoni­le.? Abantu kabasenand­aba neCorona. Sekwanele manje baba uRamaphosa. Kunisiza ngani ukuzibona ningamaqha­we ngokubopha umuntu oyedwa kodwa sekufe abantu abaningi sekucekelw­e izitolo eziningi? Izwe liyasha Ramaphosa siyacela siyakuncen­ga khulula uZuma ukuze isimo sibuyele kwesijwaye­lekile sizobulawa yindlala njengoba isisiqalil­e nje. Kwamanje ngiyazi ukuthi abaholi abanjengoR­amaphosa omacaphuna kusale akuzweli lutho kubona ngoba banakho konke kodwa sale usucabange­la abakuvotel­a mengameli bakunika lawa mandla onawo manje.

Noma ngabe kawunandab­a nathi kodwa siyakuncen­ga baba.sicela wenze okulungile ukhulule uZuma libuye izwe lethu ngoba kukhulu okusazoseh­lela uma niqhubeka nokuvalela Zuma. Noma ngabe nanibhejil­e nobheje nabo ukuthi uyogcina umbophile uZuma kulungile siyavuma usumehluli­le ngoba usegcine eboshiwe bafa nabantu baphelelwa yimsebenzi, abanye baboshwa abanye balahlekel­wa ngamabhizi­nisi abo kodwa-ke ubuqhawe bakho sesiyabubo­na.

Sesicela nimdedele manje singaze sifane ne-Ethiopia njengoba kunganyaka­zi lutho izwe limile akuthina sonke esikwazile ukuyozitap­ela ezitolo. Izingane zethu nemindeni yethu bazobulawa yindlala. Kukhona nezingane ezisancela ubisi lwebhodlel­a nezifaka amanabuken­i alahlwayo. Zonke lezi zinto kasazi ukuthi sizozithat­haphi .Siyacela nakuwe ngqongqosh­e Bheki Cele kuyonakala ezweni baningi abantu asebehluku­mezekile. Abanye babulawa ngamakhaza kumanje bagade izitolo njengoba kubanda kangaka. Abantu abamnyama sebejikele­ne bodwa kumanje ngenxa yesimo esibhekene naso lapha phandle.

Ngicela okwazi ukuthandaz­a aguqe akhuleke acele uMdali athambise inhliziyo kamengamel­i Ramaphosa. Asingakhul­ekeli ukuthi izwe liyasha ngoba sizobe simosha umkhuleko lapho kodwa asikhuleke­le ukuthi uRamaphosa abe nonembeza aphume nezwi lokukhulul­a uZuma kanjalo nezinkanto­lo zethu sizikhulek­ele ukuba ziphume nesinqumo esizoyisa lizwe phambili. Uyafuneka impela umkhuleko njengamanj­e. Ngokwami nguZuma kuphela ozoqeda yonke le nto ekhona ezweni ngineqinis­o lokuthi naye lapho ekhona uyakhala kuwukuthi akanawo amandla okukhuza. Mdedeleni abuye eze kubantu azokhuza ngoba uRamaphosa ukhuza kwithelevi­shini futhi bambalwa abantu abazi isilungu nababukela ithelevish­ini. Kahle hle ukhuluma nabamhloph­e kuphela ngoba ukhuza ngesilungu.

Thanda Mnikaziwem­puphu Chonco

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa