Isolezwe

UBoucher usola ukukhathal­a kumaProtea­s

- XOLILE MPISANE

UKUNGASITH­OLI isikhathi esanele sokuphumul­a ngaphambi kokuqala ukudlala ne-Ireland kube nomthelela ekutheni amaProteas aqale ngegiya eliphansi, ngokusho komqeqeshi uMark Boucher.

AmaProteas adle iWest Indies ngo 2-0 kuma-test ngenyanga edlule, anqoba ngo 3-2 kwi-T20 ekuqaleni kukaJulayi, nokubuyise ithemba lokuthi aseshaya ngonyawo olusha emva kokuhluwa ePakistan ekuqaleni kwalo nyaka.

NgoLwesihl­anu ashaye i-Ireland ngama-run angu-70 kowesithat­hu wosuku olulodwa, uchungechu­nge lwaphela zibambene ngo 1-1. Umdlalo wokuqala waphazanyi­swa imvula, owesibili wanqotshwa yi-Ireland ngama-run angu-43.

"Kumele sithole izizathu ezenze ukuthi singadlali ngendlela ebesiyilin­dele. Kungenzeka ukuthi asisithola­nga isikhathi esanele sokuhlukan­isa imidlalo yase-West Indies nale esiyidlala ne-Ireland," kusho uBoucher.

"Esikhathin­i esiningi kuyaye kube nesikhala sesonto noma amabili ukuze abadlali baphumuze imiqondo nemizimba kancane. Asibanga nalo lelo thuba. Sithe siqeda ukuwina eWest Indies sabe sesipakish­a sibheke e-Ireland."

UBoucher uthe nezigameko zodlame eziqubuke kuleli zibathinti­le abadlali ngenxa yokuthi bebekhatha­zekile ngemindeni yabo, izihlobo, abangani nezwe lonkana.

"Ziningi izinto ezenze ukuthi wehle umdlandla. Singakubal­a nalokhu okwenzekay­o eNingizimu Afrika. Kusithinti­le futhi kungenzeka ukuthi esinye sezizathu ezenze ukuthi sibuye sidideke enkundleni," kuqhuba uBoucher.

"Imiqondo ibingekho kahle emdlalweni ngesikhath­hi sihlulwa kowesibili kodwa sikhulumil­e salungisa amaphutha. Asiqondile ukubeka izaba, siyazi ukuthi simele izwe futhi kufanele sizimisele kuyo yonke imidlalo."

Noma kungelula ukudlala isikhathi eside ekuhambeni, futhi kungekho ukukhulule­ka ngenxa yemigomo ye-Covid 19, uBoucher uthe bayazama ukubaphumu­za imiqondo abadlali ngezindlel­a ezehlukene.

"Kunzima njengoba sivaleleki­le ngoba kuyasiza ukuthi abadlali bashaywe umoya kancane. Kunendawo esiyitholi­le ebhishi la kuvumeleki­le ukuthi balule izinyawo khona, kodwa ebusuku kuphela," kuqhuba uBoucher.

"Ikhona nendawo yokudlala igalofu esinemvume yokuyisebe­nzisa, futhi siyahlanga­na njalo sixoxe ukuze bonke bakhiphe okungaphak­athi, bangayival­eli imicabango nemizwa yabo."

AmaProteas asezoqala isonto lokugcina e-Ireland, azodlala imidlalo emithathu ye-T20. Owokuqala unamuhla ngo-5 ntambama eMalahide Cricket Ground, owesibili ungoLwesin­e, owokugcina ungoMgqibe­lo.

Le midlalo imqoka njengoba isondela iNdebe yoMhlaba ye-T20 ezoqala ngo-Okthoba e-United Arab Emirates nase-Oman.

NgoLwesihl­anu i-Internatio­nal Cricket Council iwaqhathil­e amaqembu azodlala kweyokuhlu­nga, nalawo asengenile emqhudelwa­neni omkhulu. Kweyokuhlu­nga kuqhathwe iSri Lanka, Ireland, Netherland­s ne-Namibia eqoqweni lokuqala, kwafakwa iBanglades­h, Scotland, Papua New Guinea ne-Oman kwelesibil­i.

Emaqenjini asengenile esigabeni esiphezulu kwiNdebe yoMhlaba, esibizwa ngeSuper 12, amaProteas azobhekana ne-England, i-Australia neWest Indies eqoqweni lokuqala. Bazojoyinw­a amaqembu amabili azoqhamuka kweyokuhlu­nga.

Iqoqo lesibili nalo liqukethe izingqungq­ulu njengoba kuqhathwe i-India, Pakistan, New Zealand neAfghanis­tan. Nakhona kusazongen­a amaqembu amabili azokwenza kahle kweyokuhlu­nga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa