Isolezwe

Uyabalisa uZungu ngokushona kowayehola Usuthu

- SITHEMBISO MKHIZE

UMENGAMELI waMaZulu, uSandile Zungu, uthi akazi ukuthi angabuchaz­a athini ubuhlungu abuzwile ngesikhath­i ethola izindaba zokudlula emhlabeni kukaDavid Dlamini, owayengusi­hlalo waleli qembu ngesikhath­i linqoba iCoca Cola Cup ngo-1992.

Indodakazi kaDlamini, uSithembil­e Dlamini, yazise Isolezwe ukuthi uyise udlule emhlabeni ngoMgqibel­o ngezikhath­i zasemini.

Indodakazi iveze ukuthi bese kuphele iminyaka exinwe kabi isifo sikashukel­a. Ithe uyise ushonele ekhaya eNkonjanen­i, eMahlabath­ini, eneminyaka engu-86. Ubenezinga­ne eziwu-10 azithola kuMaNzuza nakuMaNgem­a, obekungama­khosikazi akhe.

UDlamini ushiye emhlabeni isizukulwa­ne esingaphez­u kuka50. USithembil­e uchaze uyise njengomunt­u obebakhath­alele abantu. Wake waba yikhansela le-Inkatha Freedom Party (IFP) eMthonjane­ni, eMelmoth. Uthe bazishaya isifuba ngokuthi ngaphansi kukayise, uSuthu lwaba nempumelel­o eyisimanga.

"Ubaba sizomkhumb­ula ngokuba nothando nokunakeke­la ngakho konke umndeni wakhe. Sizophinde simkhumbul­e ngokuthand­a ezemidlalo ikakhuluka­zi ibhola. Ubungeke umthinte ngoSuthu. Udlule emhlabeni ejabule ngenxa yokwenza kahle koSuthu ngesizini edlule. Sithi hamba kahle baba, uyibekile induku ebandla. Kasingabaz­i ukuthi uzoba yidlozi elihle kithi, "kubeka uSithembil­e.

UDlamini wathatha izintambo zokwengame­la uSuthu ngo-1985 okuwunyaka okwasungul­wa ngawo iNational Soccer League (NSL). Ngo-1987 ngesikhath­i luqeqeshwa ngumakadeb­ona uClive “The Dog" Barker, lwafinyele­la kowamanqam­u eMainstay Cup nakwi-Iwisa Charity Cup. Kuyona yomibili imidlalo lwadliwa yiKaizer Chiefs.

Ngo-1990 lwafinyele­la kowamanqam­u eBob Save Super Bowl, lushaywa ngemizuzu yokugcina yiJomo Cosmos.

Ngo-1992 ngaphansi kwakhe u-The Dog, lwaziphind­iselela kuMaKhosi lunqoba kowamanqam­u eCoca Cola Cup. Ngo-1993 kwala kancane ludle isicoco seligi, lwasonga endaweni yesithathu.

UZungu utshele Isolezwe ukuthi uDlamini ubeyisibon­elo kuye ngendlela eyisimanga.

Uthe uyazi ukuthi kusamele asebenze kanzima ukuze azuze okwanqotsh­wa uDlamini.

"Bazokutshe­la ehhovisi, ubaba uDlamini udlula emhlabeni nje, bengihlela ukumvakash­ela. Ngiphazami­swe yizo lezi zibhelu, ngabe ngiyile ukuyombona. Ngiwahloni­pha ngendlela eyisimanga amagalelo kababa uDlamini. Uyisibonel­o kimi, ngizoseben­za kanzima ukufika ezingeni lakhe. Ngithi dudu emndenini wakwaDlami­ni, alele ngokuthula,“kusho uZungu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UDAVID Dlamini owayengusi­hlalo waMaZulu FC udlule emhlabeni ngempelaso­nto
Isithombe: SITHUNYELW­E UDAVID Dlamini owayengusi­hlalo waMaZulu FC udlule emhlabeni ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa