Isolezwe

Kuzogqama abaculi baseKZN kokaMiss SA

- NOKUBONGWA PHENYANE

ABACULI abadabuka KwaZulu-Natal, okukhona kubo uNtokozo Mbambo noZakes Bantwini bangabanye abazondans­isa emcimbini kaMiss SA, ngoMgqibel­o.

Laba baculi bazoshiyel­ana inkundla nekhwaya eyamela elakuleli ohlwelweni lwase-USA, i-America’s Got Talent, iNdlovu Youth Choir.

Umcimbi kaMiss SA, uzobanjelw­a eKapa, eGrand Arena, GrandWest Casino.

Uzokhonjis­wa bukhona kuMzansi Magic (161) nakuM-Net (101), ngo-5 ntambama.

UNtokozo uveze ukuthi ukujabulel­e ukuba yingxenye yalo mcimbi asewulande­le iminyaka.

“Sengikubhe­ke ngabomvu ukuhlangan­yela ingoma nekhwaya yentsha iNdlovu Choir njengoba kukhona ingoma esizoyenza sonke. Yize sizocula ingoma esemkhakhe­ni engingawuj­wayele okungewona owokholo kodwa ngiyazi kumele ngibheke ini nokuthi kumele sidlulisel­e umyalezo ngendlela,” kusho uNtokozo.

Uthe abantu besifazane bakuleli basuka kude ngakho ukuthola ithuba elifana naleli lokubabung­aza kumele lingathath­wa kancane.

"Sengikulin­dele ngabomvu ukubona bonke ozime abazobe beqhudelan­a, ngibafisel­a inhlanhla bonke nempumelel­o - abazophume­lela nabangeke baphumelel­e,“kuchaza yena.

Isifundazw­e iKwaZulu-Natal kulo mcimbi simelwe yintokazi yaseRichar­ds Bay, uLalela Mswane.

Abanye abazoqhude­lana kuwona kubalwa uBianca Bezuidenho­ut, Catherine Groenewald, Cheneil Hartzenber­g, Jeanni Mulder, Kaylan Matthews, Kgothatso Dithebe, Moratwe Masima, Tiffany Francis noZimi Mabunzi.

Uhlelo luzobe luphethwe ngu-Anele Mdoda noNico Panagio.

Ukuzilungi­selela lo mqhudelwan­o izintokazi eziwungene­le ziqeqshwa ngozime okubalwa kubo intokazi eyathatha isicoco sikaMiss Universe ngo2018 uCatriona Gray neyakuleli ebiphethe esikaMiss Universe ngo-2019 uZozibini Tunzi.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNTOKOZO Mbambo ungomunye wabaculi abazonandi­sa emcimbini kaMiss SA, ozoba ngoMqgibel­o eKapa
Isithombe: SITHUNYELW­E UNTOKOZO Mbambo ungomunye wabaculi abazonandi­sa emcimbini kaMiss SA, ozoba ngoMqgibel­o eKapa
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa