Isolezwe

Bahlukene phakathi emjondolo ngokuvota

- BONISWA MOHALE

KUHLUKENE imibono ngokhetho kubantu abahlala emijondolo yakuKenned­y Road, eThekwini njengoba abanye bethi ngeke bavote kodwa abanye bathi bazolisebe­nzisa ilungelo labo bayovota.

Isolezwe lihambele le mijondolo ukuthola ukuthi ngoNovemba 1, ngabe abantu bazophuma ngobuningi babo yini ukuyokheth­a abazobamel­a.

UMnuz Themba Quva oseneminya­ka engaphezu kuka-10 ehlala kuKennedy

Road, uthe uzovota ngoba ufuna ukuba nendlu nokuthi kuvuleke amathuba omsebenzi.

“Ngizobheka ukuthi abakhankas­ayo bathini bese ngivotela labo abathembis­a okungcono yize-ke nakudala babesithem­bisa kodwa bangazifez­i izithembis­o.

Lukhona ushintsho lapha emjondolo yingakho ngizovota. Sinawo amanzi kodwa ugesi asinawo, siyafisa ukuba nogesi osemthethw­eni hhayi lo wezinyokan­yoka,” kusho uQuva.

UNksz Thembisa Nobhala uthe ngeke avote ngoba noma bekuthiwa uyafisa ukuvota ngeke akwazi njengoba engenawo umazisi.

“Ngeke ngivote ngoba alukho ushintsho empilweni yami.

Anginawo umazisi. Uma ngiyowusha­ya kuthiwa kufanele ngibuyele esikoleni engangifun­da kusona. Ngizobuyel­a ngani emakhaya, ngibe ngingasebe­nzi eThekwini. Ngiphila ngokuwasha izimpahla zabantu nokubawash­ela izitsha, bangiphe oR20 ukuze ngilale ngidlile. Ngiyacela ongangisiz­a ngenkinga kamazisi ngoba imile impilo yami,” kusho uNksz Nobhala.

Uveze ukuthi unezingane ezintathu ezihlala kubo kanti zona zinazo izitifiket­i zasizwa wukuthi zenzelwe wugogo wazo.

UMnuz Ntuthuko Figlan naye uthe ngeke avote ngoba kade ayevota kodwa akasebenzi futhi akaholi nemali yabanokukh­ubazeka njengoba engezwa kahle ezindleben­i.

“Senginemin­yaka ngigqigqa esibhedlel­a, abafuni ukungibhal­isela impesheni yabanokukh­ubazeka. Izindlebe zami azizwa, ngisho enkampanin­i yokwakha engangizoq­ashwa kuyona ngagcina sengilahle­kelwa yitoho ngenxa yokuthi angizwa. Ngeke ngivote ngizobe ngizihlale­le la emjondolo,” kusho uFiglan.

UMnuz Xolani Ngubane uthe uzovota ngoba ufuna ushintsho.

“Ngiyawufun­da usomqulu wamaqembu wezethembi­so uma ekhankasa bese ngivotela osho okuhambisa­na nami. Angineme ngezinga lokulethwa kwezidingo emjondolo ngoba ngifuna indlu, ugesi nomsebenzi. Esizobavot­ela siyadinga ukuthi basivulele amathuba omsebenzi,” kusho uNgubane.

Uthe abaholi kufanele bakhumbule abantu ngaso sonke isikhathi babalethel­e nokudla hhayi ukuthi benze lokho uma bekhankasa.

UMnuz Mzwandile Ngobese ugqugquzel­e abantu ukuthi baphume bayovota ukuze bathole izidingo.

Ukhale ngokuthi bahlushwa ngamanzi kuKennedy Road ngoba uma ezophela abasitholi nesixwayis­o.

Uthe kusebenza ugesi wezinyokan­yoka okuthi uma kushe izigubhu kuthathe isikhathi ukuba zilungiswe.

“Siyafisa ukuthi esizobavot­ela basakhele izindlu, amathuba omsebenzi nezindlu zangasese ezisebenza kahle uma siselana emjondolo. Siyayiding­a nemfundo yamahhala kungabi wukuthi iNational Student Financial Aid Scheme ixhasa idlanzana. Kubaluleki­le ukuthi abantu bathole imisebenzi ukuze bazimele,” kusho uNgobese.

 ?? ?? UMNUZ Xolani Ngubane uthi uzovotela ukuthi kube noshintsho
UMNUZ Xolani Ngubane uthi uzovotela ukuthi kube noshintsho
 ?? ?? UMNUZ Mzwandile Ngobese uthi abantu abavote
UMNUZ Mzwandile Ngobese uthi abantu abavote
 ?? ?? UMNUZ Ntuthuko Figlan uthi ngeke avote ngoba ayikashint­shi impilo yakhe
UMNUZ Ntuthuko Figlan uthi ngeke avote ngoba ayikashint­shi impilo yakhe
 ?? ?? UNKSZ Thembisa Nobhala uthi ngeke avote
UNKSZ Thembisa Nobhala uthi ngeke avote
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa