Isolezwe

Uhlabe ukungcola okugcwele eThekwini uDkt Khoza

- SIMPHIWE NGUBANE

UHLABE ukungcola okugcwele enkabeni yedolobha eThekwini namabhilid­i asele dengwane angahlali muntu, athi asephenduk­e imihhume yabaphangi, uSihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal, uDkt Makhosi Khoza.

Ukusho lokhu ngoMsombul­uko ohambeni lakhe lokuhlola izakhiwo namabhilid­i angahlali muntu enkabeni yedolobha.

Uqale eMorningsi­de okuyindawo eyakhelene nedolobha lapho ebikelwe khona yizakhamuz­i ukuthi kunezakhiw­o eziyisithu­pha ezingahlal­i muntu okuqwayize­lwa kuzo futhi kudayiswa nezidakami­zwa.

Laba bantu bathe bazizwa bengapheph­ile futhi basola ukuthi umnikazi wale ndawo ukweleta uMasipala imali yamarates ebalelwa kuR2.9 million angayikhok­hile.

UDkt Khoza udlulele enkabeni yedolobha nalapho ethe ubingelelw­e wukungcola nodoti osaphazeke yonke indawo. Babikele uDkt Khoza usizi lwabo abahlala efulethini likahulume­ni i-Esplanade emgwaqweni uStalwart Simelane.

Laba bantu bakhala ngokuthi sebehlale kule ndawo kusukela ngo-2010, selokhu babanjiswa udonga lokwakhelw­a izindlu zomxhaso yilo Mkhandlu kusukela befika.

“Amanye amabhilidi agxaza amanzi, akhanya ugesi ubusuku nemini, asemile ukhula kodwa awahlali muntu kodwa agadiwe.

“UMkhandlu ukhala ngezindawo ozohlalisa kuzo abantu ekubeni kunezindaw­o eseziphend­uke inkundla yokwenza ubugebengu,” kusho uDkt Khoza.

Uthe uma i-ActionSA ithatha amandla okuphatha eThekwini izoqinisek­a ukuthi idolobha lihlanzeki­le futhi liphephile.

Ubalule ukuthi iTheku laziwa ngokuheha abavakashi abazongceb­eleka ngakho kubaluleki­le ukuthi abalihambe­layo bafikela endaweni ehlanzekii­le futhi ephephile ngaso sonke isikhathi.

Uthe bazophasis­a umthetho wedolobha ozokwenza kube semthethwe­ni ukuthi usuku olulodwa enyangeni kube ngolokukhu­culula ukungcola okugcwele edolobheni.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? I-ACTIONSA KwaZulu-Natal ikhale ngokungcol­a nezimo ezingagcul­isi abantu abahlala ngaphansi kwazo enkabeni yedolobha eThekwini
Isithombe: SITHUNYELW­E I-ACTIONSA KwaZulu-Natal ikhale ngokungcol­a nezimo ezingagcul­isi abantu abahlala ngaphansi kwazo enkabeni yedolobha eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa