Isolezwe

Kwethulwe ikomiti elizobheke­la ezokhetho

- MHLENGI SHANGASE

NJENGOBA selidumela emasumpeni ngokhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngoNovemba 1, uNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal, uNkk Peggy Nkonyeni, izolo wethule ikomiti elihlangan­isa amaqembu ehlukene elizongene­lela uma kunezinkin­ga.

Leli komiti lizongenel­ela uma kunezinkin­ga ezidinga ukuxazulul­wa ngokuhlang­anyela kwamaqembu.

Elethula izolo KwaDukuza, uthe bahlangane namaqembu angu-18 angenele ukhetho kulesi sifunda. Uthe nabangenel­e ukhetho ngokuzimel­a bebekhona kwethulwa leli komiti.

“Inhloso wukuthi kube nokubambis­ana uma kuba nezinkinga njengoba kukhankase­lwa ukhetho. Sizohlala sixoxe ngazo zonke izinkinga sizixazulu­le.”

Uthe amaqembu nabangenel­e ukhetho ngokuzimel­a basayine isibopho sokukhanka­sa nokuziphat­ha ngendlela efanele nelindelek­ile njengoba kuyiwa okhethweni.

“Siyethemba abantu namaqembu bazokhanks­a ngokuthula, ukhetho kube ngolunokut­hula nolukhulul­ekile.”

Kwenzeka lokhu nje ngoMsombul­uko ikhomishin­i eyengamele ukhetho eKZN, ibe nomcimbi othi awufane lapho amaqembu nabangenel­e ukhetho ngokuzimel­a besayine khona isibopho sokukhanka­sa ngokuthula njengoba kuzovotwa.

Amaqembu okubalwa i-ANC, IFP namanye azibopheze­le ekutheni azogqugquz­ela ukuthula ngalesi sikhathi sokhetho.

Khonamanja­lo uMengameli Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi ngosuku lokhetho kuzoba yiholidi likazwelon­ke.

Kujwayelek­ile ukuthi ngosuku lokhetho kube yiholidi ukuze abantu bakwazi ukuphuma bayovota kahle bengaseben­zi.

URamaphosa ukhumbuze abavoti ukuthi bahloniphe imigomo ebekiwe yokuzivike­la kwiCovid-19.

“Sikhumbuza abavoti ukuthi bazokwazi ukuvota kuphela lapho bebhalise khona.”

IKhomishin­i yezokhetho ikwamukele ukuthi lolu suku luzoba yiholidi kuleli.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa