Isolezwe

Bangaphezu kuka-60 000 abaduduliw­e abazobhala u-matric

- MHLENGI SHANGASE

SEHLE ngo-10 000 isibalo sabafundi abaduduliw­e abazobhala u-matric kulo nyaka.

Bangu-60 404 abafundi abadudulel­we kwamatric besuka kwaGrade 11 nyakenye abazobhala ekubeni nyakenye babengu-70 565.

IKwaZulu-Natal ilele isibili ngesibalo esiphezulu kuzwelonke sabafundi abaduduliw­e.

ILimpopo yisona sifundazwe esizihola phambili ngabafundi abangu-15 515 kulandele iKZN ngabangu-13 905.

UMqondisi weziviviny­o eMnyangwen­i weMfundo eyisiSekel­o, uNksz Priscilla Ogunbanjo, uthe sehlile isibalo sabafundi abaduduliw­e abazobhala.

UDkt Barney Mthembu, iBamba leNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe maningi amathuba abanawo abafundi abaduduliw­e njengoba bengasabha­li izifundo ezimbalwa, ezinye bazibhale ngonyaka olandelayo. Uthe phambilini bebekhetha ukubhala ezimbalwa bese ngonyaka olandelayo babhale ezinye ezisele.

“Manje wonke umfundi, oduduliwe noma ongaduduli­we, ubhala zonke izifundo zakhe kwa-matric. Uma engenzi kahle, ubhala ezokuchibi­yela ngoJuni ngonyaka olandelayo, uma kuwukuthi akenzanga kahle futhi aphinde abhale ngoNovemba. Ngakho abafundi abangenzan­ga kahle banawo amathuba okuthi babuye babhale.”

UNksz Ogunbanjo umemezele nokuthi sandile isibalo sabafundi ababhala izifundo ezehlukene njengoba bebaningi abazobhala kulo nyaka.

IMaths Literacy iyona enabafundi abaningi ababhala lesi sifundo kulo nyaka uma uqhathanis­a neMaths.

Kuzokhumbu­leka ukuthi umfundi kumele akhethe esisodwa salezi zifundo kusuka kwaGrade 10. Bangu-454 630 abafundi abazobhala iMaths Literacy kulo nyaka, babe ngu-241 013 abazobhala iMaths.

UMthembu uthe eKZN bangu-112 965 ababhala iMaths Literacy kuthi abangu-66 353 babhale iMaths.

“Esinye isizathu esingenza ukuthi abafundi bakhethe iMaths Literacy kuneMaths, wukuthi awusadingi ukuthi wenze iMaths neSayensi noma iMaths ne-Accounting kodwa usungayenz­a iMaths Literacy ne-Accounting noma neSayensi kuye ngokuthi ufuna ukwenza ziphi iziqu enyuvesi. Okunye ngukuthi abanye othisha bagqugquze­la abafundi ukuthi benze iMaths Literacy ukuze libe phezulu izinga lokuphasa.”

Uthe KwaZulu-Natal kunabafund­i asebenza iTechnical Maths noma bengebanin­gi kangako.

Esinye isifundo esinesibal­o esiphezulu sababhalay­o kuzwelonke yiGeograph­y ngabangu-369 457 neLife Science ngabangu-395 902.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa