Isolezwe

Sethemba isizwe sisazohlom­ula ebuhlakani­ni bukaMogoen­g

-

AKUKHO soka lingenasic­i. Lesi sisho sigqamile kulezi zinsuku kade kuvalelisw­a obeyinhlok­o yamajaji kuleli iJaji Mogoeng Mogoeng.

NgoMsombul­uko bekuwusuku lokugcina uMogoeng eyinhloko yamajaji njengoba bekuphela inkontilek­a yakhe ayisayina ngo-2011 ebekwa kulesi sikhundla.

Ngawo uMsombuluk­o ezinkundle­ni ezehlukene abantu bebephawul­a ngemiseben­zi emihle nobuhlakan­i bukaMogoen­g ngenkathi ephethe lesi sikhundla.

Bakhona nabebeveza ukuthi kubo ubuqotho bakhe ubenawo amabatha kule ndima aseyikhath­ulile, bebalula umsindo owasuka ngemuva kokuphawul­a kwakhe ngempi yeminyaka yePalestin­e ne-Israel lapho azwelana khona ne-Israel egxekwa yizinhlaka ezehlukene emhlabeni jikelele.

“Uma ngiqalekis­a i-Israel no-Abraham, uNkulunkul­u uzoqalekis­a mina. Akukho okunye engingakwe­nza njengomKre­stu ngaphandle kokuthanda ngikhuleke­le i-Israel ngoba uma ngiyizonda ngizibizel­a iziqalekis­o.” Wagxekwa kakhulu ngale nkulumo uMogoeng waze wayalelwa yikomidi elibhekele­le ukuziphath­a kwamajaji ukuba axolise, nanqaba ukukwenza.

Kasisophil­e-ke ukugxila emabaleni abekwa wona uMogoeng kepha simethulel­a isigqoko ngokuyibam­ba ishisa kulesi sikhundla, omthetho waso sihambisan­a nengcindez­i.

Sivumelana noMengamel­i Cyril Ramaphosa uma ethi uMogoeng ube neqhaza elikhulu kwezomthet­ho nasekuqini­sekiseni ukuthi ubulungisw­a buyenzeka.

Unconywe kakhulu ngobuqotho, ukumela iqiniso nokumela isinqumo esithathiw­e yize kukhona ingcindezi kwabangaha­mbisani naso.

Siyambonge­la uMogoeng ngokuseben­za ngobuqotho, siyethemba nokuthi yize ethatha umhlalapha­nsi kepha isizwe sisazoqhub­eka nokusenga ubuhlakani nolwazi anakho.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa