Isolezwe

Inhloko yamajaji kufanele ikulungele ukusebenze­la ubulungisw­a

-

IHLANDLA lokugcina likamehlul­eli omkhulu, ijaji laseNkanto­lo yoMthethos­isekelo, lisanda kufinyelel­a esiphethwe­ni.

Sekunethub­a lokuqokwa komholi omusha wamajaji. Imibuzo ephambili ithi kuzoqokwa bani, kuzosetshe­nziswa luphi uhlaka lwezimfuno namakhono, luzogcinwa lonke yini uhlelo lokuhlolwa amakhono luhloniphe­kile?

Asichome uphaphe lwegwalagw­ala iJaji uMogoeng Thomas Reetsang Mogoeng:

UMogoeng ube yijaji eliphethe amajaji, kusukela ngo-2011, ngesikhath­i eqokwa njengejaji elikhulu. Ufunde khona kwelikaMth­aniya, esikhungwe­ni semfundo ephakeme e-University of Zululand (Ongoye) naseNatal University esibizwa nge-University of KwaZuluNat­al, nagcine ewuShansel­a wayo ngo2017.

Ngesikhath­i ephethe sibone ukwahlulel­wa kwamacala athinte ukusebenza koMvikeli woMphakath­i, uSomlomo wasePhalam­ende, amaqembu ezepolitik­i, isinqumo ngombango wenkolo yakwaShemb­e, ukulawulwa kokubhenyw­a komthunzi wezinkukhu nokuphathw­a ngendlela evulelekil­e kwenhlolok­hono yamajaji.

Inqubekela­phambili siyibonile kodwa kusakuning­i okumele kwenziwe ekuvikelwe­ni kobumsulwa bokusebenz­a kwamajaji.

Yize zikhona izikhalo kodwa ngezakhayo nezizosiza oza emva kwakhe ukuthi athuthukis­e ukusebenza kahle kwamajaji.

Ukuqokwa kwamajaji:

Isigaba 174 no-175 soMthethos­isekelo zilawula ukuqokwa kwamajaji. Amandla okuqoka anikezwe umengameli wona athi akaqoke umuntu oneziqu ezifanele zomthetho aphinde abe ngumuntu okulungele ukuba aqokwe.

I-Judicial Services Commission (JSC) iyona eyengamela inhlolokho­no iphinde yenze izincomo ihambise uhlu lwamagama kumengamel­i angakhetha kuwona.

Ngenxa yokubalule­ka kwesikhund­la senhloko yamajaji, umengameli umema umphakathi ukuthi wenze izincomo zokuthi ubani abangafisa ukumbona eyijaji elikhulu laseNingiz­imu

Afrika. Kube sekuvela amagama ayisishiya­galombili.

Ithimba eliqokwe wumengamel­i lizohlunga khona lucele abathathu kuya kwabayisih­lanu ukuthi benziwe inhlolokho­no yiJSC.

Yize kuncomeka lokho, ngenxa yokuba sobala kohlelo ukuze siluthembe, nakhona kunemibuzo yokuthi ithimba likamengam­eli liqokwe kanjani, iphi intsha kulona, baphi abaholi bezinhlang­ano zabameli, aphi amashoshoz­ela avikela amalungelo emiphakath­i, amandla abo bawathatha­phi, kungabe bavunyelwa wuMthethos­isekelo yini nokuthi umsebenzi weJSC angeke yini ushayisane naleli thimba?

Yize ikhona le mibuzo kodwa sikushayel­a ihlombe njalo ukuvulelek­a nokuba sobala kwezinhlel­o ezifana nalezi.

Igama likaJaji John Hlophe likhona, naye okwamukeli­le ukuphakany­iswa kwakhe, imfundo nesikhathi sakhe ehola amajaji, kumenza abe ngabanye abanesipil­iyoni kule ndima yezomtheth­o. Kunefu elimnyama ahamba nalo njengoba esolwa ngokuzama ukunxenxa amajaji ukuthi avune owayengume­ngameli kuleli uJacob Zuma. Le into engase yenze angaphumel­eli.

Igama likaJaji Mbuyiseli Madlanga nalo likhona futhi ukwamukeli­le ukuqokwa kwakhe. Ihlandla lokuhola amanye amajaji analo lincane, nelingase linqunde amathuba akhe okuthola lesi sihlalo. Kepha uyahlonish­wa kakhulu ngobuholi bakhe nendlela aziphatha ngayo uma ehlulela.

UJaji Mandisa Maya, uphethe eNkantolo yokuBuyeke­zwa kwamaCala, usethole ulwazi lokuhola amanye amajaji isikhathi eside nokunguyen­a abahlaziyi abasola ukuthi angase asithathe lesi sikhundla. Uma eqokwa uyoba ngowesifaz­ane wokuqala ukuba yinhloko yamajaji eNingizimu Afrika.

UDkt Wallace Mgoqi yize ebeqokiwe, ukhethe ukuhoxa kulo mjaho.

U-Adv Busisiwe Mkhwebane nonguMvike­li woMphakath­i uqokiwe kodwa angase abhekane nobunzima ngoba akakaze abe yijaji futhi unecala asabhekane nalo.

UJaji Dunstan Mlambo uphethe enkantolo ezinze eGauteng. Le nkantolo isaphethe amacala anzima nanohlonze. Angase athole ubunzima ngendlela abuza ngayo abanye uma kwenziwa inhlolokho­no yeJSC nokuziphat­ha kwakhe uma engamele amacala.

U-Adv. Alan Nelson SC, ngummeli osemnkants­hubomvu kodwa akakaze aphathe amanye amajaji.

IPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo, ngokuphath­a nokulawula izinkantol­o unalo ulwazi nekhono. Indlela aphathe ngayo iKhomishin­i yokuLawulw­a koMbuso yiDlanzana izoba sematheni. Neminyaka anayo ngaphambi kokuthatha umhlalapha­nsi isimincane, bakhona abangathi alukho ushintsho olungako angeza nalo kule minyaka esisele.

Sekuyisikh­athi sokuthi ukukhethwa kwamajaji kuhambisan­e nezidingo, kube yithuluzi lokuletha ubulungisw­a, ukugqoza kwentuthuk­o nezobuchwe­pheshe, ukungafund­iswa nokukhethw­a okusobala kwabafuna ukuba amajaji nokuthenyw­a kwezinkant­olo umphakathi. Bonke laba kumele balungele ukusebenze­la ubulungisw­a nabantu baseNingiz­imu Afrika.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa