Angihlabe umxhwele amabutho kaZulu
MHLELI: Kube ngenkulu intokozo ukuphumela eshashalazini kwamabutho kaZulu ngokuhambisana kwawo neSilo uMisuzulu, umzukulu weSilo uBhekuzulu.
Okuyikhona okungijabulisile wukuthi phambilini ngabhala kuyo le ntandokazi yephephandaba, ngathi amabutho kaZulu ahleli manzonzwane, alindele ukuba liphume elokuthi awuhlangane umhlathi owazanayo akhombise isizwe ukuthi wona kawasalindele ukuthi kusekhona ozohlala esihlalweni esihleli iNgonyama ebusayo.
Kuyaxaka-ke nokho ukuthi kule nxushunxushu yaseNdlunkulu kaZulu kukhona abangasezwa ngisho sekukhuluma indlovukazi esisele yodwa kondlunkulu beSilo uBhekuzulu, engugogo weSilo esisehlalweni.
Okusimangazayo kulo mdonsiswano kwabahamba phambili kukhona ngisho asebendele kweminye imindeni. NgesiZulu osuke eseyogana uphuma kubo ngehubo exhakwe nguyise ngengalo, ayalwe ukuba angabheki emuva. Lokho kusho ukuthi uphume waphela njengembewu yamazambane ezindabeni zakubo, useyofika njengesivakashi. Okwabo ngukuba mdibi munye nemindeni yalapho bendele khona uma kuxazululwa izinkinga. Njengoba yenzile iNdlovukazi uMaZungu, ayiphazamile. Kubona kuyisibusiso ukugcinwa kwendlovukazi iminyaka engu-53 kwakhothama iSilo uBhekuzulu.
Kumanje kuningi osekusixaka okwenziwa nguhulumeni wesifundazwe, oseqhamuka nokuthi akukho emthethweni ukuvulwa kwesiShayamthetho sesifundazwe yiNgonyama nokuba ishayelwe indesheni. Baqale nini ukwazi lokho ngoba bebedamane bekwenza minyaka yonke?
Kwenziwa yini lokhu kuqondane ngesikhathi sebengene ngesiphanga nangomkhono endlunkulu ngoba phela kwazi lonke elikaMthaniya ukuthi babamba imihlangano nedlanzana eliphikisana neSilo.
Lokhu-ke thina akusethusi ngoba phela ngo-1994 kuzobanjwa ukhetho lokuqala lwentando yabantu, basisongela iSilo uMdlokombane, bathi uma sebesemandleni bayosephuca izimoto, siyohamba ngamatekisi omphakathi.
Eminyakeni engemingaki sona iSilo uZwelithini sikomunye uMkhosi weLembe
KwaDukuza kukhona lapho esaphawula khona sakusola uhulumeni wesifundazwe. Kunengane eyakhwela phezu kwekhanda loMdlokombane. Ngabhala kulo leli phephandaba ngikhuza umhlola ingane ikhwela idilika phezu kwekhanda leSilo. Kwaze kwananela ngisho amabutho okoGauteng, athi kungawathatha isikhathi esincane kabi ukuzifikela eKZN ukuzobhekana nale ngane engingayifanisa nomuntu owayedlokodla iziqandi esidlekeni sazo.
Kuyadumaza nokho ngoba phela njengoba kuyiwa okhethweni nje baphansi phezulu basinxenxa amavoti, ungazisenga kanjani izinkomo zomuntu okunukela njengeqaqa?
Sengiphetha, ngizizwa ngiphakathi komhlane nembeleko ngokuzwa uvo lwezinduna zikaZulu kanti ezinsukwini ezingengaki sikuzwile nokwamakhosi. Akugcinanga lapho sabona kumanqampunqampu omhlangano wasendlunkulu lapho khona abaNtwana babekhuza uBayede kuduma indlu yonke. Ngiyethemba ukuthi nosiyayinyomfa bafunda kwezabo ukuthi bagibele ibhasi
elingenamasondo.
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE