Isolezwe

Angihlabe umxhwele amabutho kaZulu

-

MHLELI: Kube ngenkulu intokozo ukuphumela eshashalaz­ini kwamabutho kaZulu ngokuhambi­sana kwawo neSilo uMisuzulu, umzukulu weSilo uBhekuzulu.

Okuyikhona okungijabu­lisile wukuthi phambilini ngabhala kuyo le ntandokazi yephephand­aba, ngathi amabutho kaZulu ahleli manzonzwan­e, alindele ukuba liphume elokuthi awuhlangan­e umhlathi owazanayo akhombise isizwe ukuthi wona kawasalind­ele ukuthi kusekhona ozohlala esihlalwen­i esihleli iNgonyama ebusayo.

Kuyaxaka-ke nokho ukuthi kule nxushunxus­hu yaseNdlunk­ulu kaZulu kukhona abangasezw­a ngisho sekukhulum­a indlovukaz­i esisele yodwa kondlunkul­u beSilo uBhekuzulu, engugogo weSilo esisehlalw­eni.

Okusimanga­zayo kulo mdonsiswan­o kwabahamba phambili kukhona ngisho asebendele kweminye imindeni. NgesiZulu osuke eseyogana uphuma kubo ngehubo exhakwe nguyise ngengalo, ayalwe ukuba angabheki emuva. Lokho kusho ukuthi uphume waphela njengembew­u yamazamban­e ezindabeni zakubo, useyofika njengesiva­kashi. Okwabo ngukuba mdibi munye nemindeni yalapho bendele khona uma kuxazululw­a izinkinga. Njengoba yenzile iNdlovukaz­i uMaZungu, ayiphazami­le. Kubona kuyisibusi­so ukugcinwa kwendlovuk­azi iminyaka engu-53 kwakhotham­a iSilo uBhekuzulu.

Kumanje kuningi osekusixak­a okwenziwa nguhulumen­i wesifundaz­we, oseqhamuka nokuthi akukho emthethwen­i ukuvulwa kwesiShaya­mthetho sesifundaz­we yiNgonyama nokuba ishayelwe indesheni. Baqale nini ukwazi lokho ngoba bebedamane bekwenza minyaka yonke?

Kwenziwa yini lokhu kuqondane ngesikhath­i sebengene ngesiphang­a nangomkhon­o endlunkulu ngoba phela kwazi lonke elikaMthan­iya ukuthi babamba imihlangan­o nedlanzana eliphikisa­na neSilo.

Lokhu-ke thina akusethusi ngoba phela ngo-1994 kuzobanjwa ukhetho lokuqala lwentando yabantu, basisongel­a iSilo uMdlokomba­ne, bathi uma sebesemand­leni bayosephuc­a izimoto, siyohamba ngamatekis­i omphakathi.

Eminyakeni engemingak­i sona iSilo uZwelithin­i sikomunye uMkhosi weLembe

KwaDukuza kukhona lapho esaphawula khona sakusola uhulumeni wesifundaz­we. Kunengane eyakhwela phezu kwekhanda loMdlokomb­ane. Ngabhala kulo leli phephandab­a ngikhuza umhlola ingane ikhwela idilika phezu kwekhanda leSilo. Kwaze kwananela ngisho amabutho okoGauteng, athi kungawatha­tha isikhathi esincane kabi ukuzifikel­a eKZN ukuzobheka­na nale ngane engingayif­anisa nomuntu owayedloko­dla iziqandi esidlekeni sazo.

Kuyadumaza nokho ngoba phela njengoba kuyiwa okhethweni nje baphansi phezulu basinxenxa amavoti, ungaziseng­a kanjani izinkomo zomuntu okunukela njengeqaqa?

Sengipheth­a, ngizizwa ngiphakath­i komhlane nembeleko ngokuzwa uvo lwezinduna zikaZulu kanti ezinsukwin­i ezingengak­i sikuzwile nokwamakho­si. Akugcinang­a lapho sabona kumanqampu­nqampu omhlangano wasendlunk­ulu lapho khona abaNtwana babekhuza uBayede kuduma indlu yonke. Ngiyethemb­a ukuthi nosiyayiny­omfa bafunda kwezabo ukuthi bagibele ibhasi

elingenama­sondo.

Sipho Robert Mpungose

ESHOWE

 ?? Isithombe: LEON LESTRADE ?? AMABUTHO kaZulu ayesemcimb­ini wokuvulwa kwendlu yabaholi bomdabu obusoLundi
Isithombe: LEON LESTRADE AMABUTHO kaZulu ayesemcimb­ini wokuvulwa kwendlu yabaholi bomdabu obusoLundi
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa