Isolezwe

Luyabuya uhlelo ngempilo kaFaith Nketsi wodumo

- NOKUBONGWA PHENYANE

06:00 Kids News And Current Affairs 06:30 Yotv Mini 07:00 Furry Tales 07:30 Mam’ Sakhile’s Story House 08:00 Generation­s - The Legacy (R) 08:30 Muvhango (R) 09:00 Uzalo (R) 09:30 Skeem Saam (R) 10:00 Nomzamo 10:30 Daily Thetha 11:30 Ngempela (R) 12:00 Local Drama (TBA) 13:00 Lunch Time News

13:30 Cutting Edge (R)

UZOKWAZIWA maduzane ukuthi ungubani usomabhizi­nisi waKwaZulu-Natal, othandana nosaziwayo wakuleli uFaith

Nketsi.

Lokhu kuzogqama kwisizini yesithathu yohlelo lukaFaith, oluthi Have Faith, noluzoqala kuMTV Africa (130), ngoMsombul­uko ngo-9.30 ebusuku.

Kumasizini amabili adlule kubonakale uFaith, ezama ukungena emikhakhen­i ehlukene - owamabhizi­nisi, umculo futhi waphumela obala ngobudlelw­ane bakhe kwezothand­o obagcina bungahamba­nga ngendlela afisa

ngayo.

Kule sizini uFaith uveze ukuthi uzobonakal­a eqhubeka nokungena ezindaweni ezehlukene emabhizini­sini futhi nalawa anawo kuzobonaka­la ukuthi usekhule kangakanan­i kuwona.

“Ukuba ngusomabhi­zinisi yinto engelula neze kodwa ohlelweni abantu bazongibon­a ngiwabambi­le amabhizini­si ami futhi ngizophume­la obala ngobudlelw­ane bami kwezothand­o kanjalo ngiqhubeke nokuphila impilo yami. Ngijabule kakhulu ngokuthi kube khona isizini yesithathu, ngiyabonga kuwona wonke umuntu ohambe nami leli banga size sifike lapha, bekungelul­a,” kusho uFaith.

Uthe kukhona okuzohluka ngaye kule sizini njengoba esekhulile njengomunt­u wesifazane, nazokukhom­bisa emndenini wakhe nakubangan­i bakhe.

"Abalandeli bami impela ngizobathi fahla ngokwenzek­a empilweni yami kwezothand­o.

Abangani bami uKim Kholiwe no-Andzelo nabo bayabuya sizobheka ukuthi yini eqhubeka empilweni yabo njengoba bebebheken­e nobunzima ezikhathin­i ezidlule nokuthinta imindeni yabo,“kusho yena.

UKim, isizini yesibili eyaphela ezithwele, uzobonakal­a eqhubeka nokuzibamb­ela ekukhulise­ni indodana yakhe yedwa, njengoba aveza ukuthi akasabheka­ni noyise wayo.

Kuzovela lapho ezama khona ukubuyisan­a naye ukuze babambisan­e ezindlekwe­ni zengane.

U-Andzelo, owayebheke­ne nesimo esinzima abazali bakhe behlukanis­a, kule sizini kuzovela esalwa nalokho njengoba kuyinto engamjabul­isanga.

Okunye okuzogqama ngaye wukuthi uzozama ukuzimela ezintweni eziningi ezithinta umsebenzi.

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? UFAITH Nketsi nomngani wakhe bazophinde babonakale ohlelweni lukaFaith oluzoqala ngoMsombul­uko.
Izithombe: ZITHUNYELW­E UFAITH Nketsi nomngani wakhe bazophinde babonakale ohlelweni lukaFaith oluzoqala ngoMsombul­uko.
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa