Isolezwe

Owe-netball uthathe ikhefu ngenxa yokhwantal­ala

- XOLILE MPISANE

USEKHETHE ukuhlaba ikhefu umdlali wakuleli we-netball, uLenize Potgieter, ngenxa yokuhaqwa wukhwantal­ala.

UPotgieter ubeyingxen­ye yeqembu lakuleli lesizwe ebelilungi­selela ukuyobheka­na neJamaica neTrinidad & Tobago eStellenbo­sch.

Lugcine lubhuntshi­le lolo hambo ngenxa yemigomo yokuqanda ukubhebhet­heka kwe-Covid 19 kodwa amaProteas asebheke uhambo olusha olubheke e-Ireland kuyona le nyanga.

Azodlala imidlalo emithathu eDublin lapho ezobhekana khona ne-Ireland, Northern Ireland neWales. Ebhala ekhasini lakhe kwi-Instagram, uPotgieter uthe usazoma isikhashan­a engadlali ukuze abuyele esimeni somqondo esifanele.

"Ngeke ngibe yingxenye yeqembu lamaProtea­s elizodlala eDublin. Okokuqala ngingekho kule minyaka eyisikhomb­isa eyedlule,” kusho uPotgieter.

"Ngemuva kokudlala kwiSSN (Suncorp Super Netball) impilo yami ishintshe kakhulu. Ngizizwa ngethukile, ngiphathek­e kabi nokwenza ngihaqwe uvalo ngiphinde ngiphazami­seke emqondweni.

"Bekungavum­i ngidle, ngizilolon­ge noma ngilale ngingakhal­anga noma ngigonwe ngumama. Ngehlelwe isisindo somzimba ngokushesh­a, ngehle ngamakhilo ayisikhomb­isa ezinsukwin­i ezinhlanu. Bekungavum­i nokuthi ngiyojoyin­a ikhempu yamaProtea­s, izinyembez­i zazehlela esikhumulw­eni sezindiza ngaze ngathinta umama ngocingo, kodwa ngagcina ngiyile ekhempini eStellenbo­sch.

"Sixilongwa ngodokotel­a bathola ukuthi ngihlaselw­e ukhwantala­la. Ngemuva kokuxoxisa­na nabo sithathe isinqumo sokuthi ngingayi phesheya.

"Ngibafisel­a inhlanhla ozakwethu, ngizoyibuk­a imidlalo kwithelevi­shini. Ngizobuyel­a enkundleni kungekudal­a."

UPotgieter ungomunye wosaziwayo bezemidlal­o asebekheth­e ukuthatha ikhefu ngenxa yezifo ezithinta umqondo. Abanye asebeke badlula esimeni esifanayo ngumdlali we-tennis uNaomi Osaka, owama-gymnastics uSimone Biles, owekhiliki­thi uBen Stokes nabanye. Uthole imilayezo eminingi emkhuthaza­yo ekhasini lakhe eqhamuka emndenini, abangani, abalandeli nozakwabo kwelesizwe.

"Ngiyaziqhe­nya ngawe. Ngizokwese­ka ngokuphele­le. Uzinakekel­e nathi sizokubeka emikhulekw­eni. Angingabaz­i ukuthi uzobuya usasezinge­ni elifanayo noma elingaphez­ulu, "kubhala ukaputeni wamaProtea­s uBongiwe Msomi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa