Isolezwe

Kuvela eleMoses Mabhida ekusingath­eni owamanqamu

- SITHEMBISO MKHIZE

KUVELA ukuthi iMoses Mabhida Stadium ingase imenyezelw­e njengenkun­dla ezosingath­a umdlalo wamanqamu weMTN8 ozoba phakathi kweMamelod­i Sundowns neCape Town City ngoOkthoba 30.

Umthombo waleli phephandab­a ongaphakat­hi eMabhida, ongavumele­kile ukukhuluma nabezindab­a, uveze ukuthi iPremier Soccer League (PSL) ibathintil­e ngalo mdlalo, ibazisa ukuthi abebe beqala ukwenza amalungise­lelo.

Uqhube wathi iPSL yazise ubuholi bale nkundla ukuthi izomemezel­a lesi sinqumo namuhla noma kusasa.

"Impela iPSL isithintil­e, isitshela ukuthi asibe siqala amalungise­lelo alo mdlalo. Kusukela eminyakeni edlule inkampani yakwaMTN ayiwuvali umlomo ngezinga eliphezulu elihlale litshengis­wa yiMabhida uma inikwe igunya lokusingat­ha owamanqamu. UMasipala weTheku (okuyiwo ophethe le nkundla) uphinde ube nobudlelwa­no obuhle nePSL. Lo mdlalo bewungaya eNelson Mandela Bay Stadium noma kwenye inkundla, kodwa iPSL neMTN babheke nokuthi ukusuka eCape Town noma eGoli uza eThekwini kuzoba lula kula maqembu," kubeka umthombo.

USjabu Ntuli oyibamba lemenenja eMabhida, uthe lolu daba uqala ukuluzwa ngeSolezwe.

"Engikuzwil­e ukuthi iPSL izomemezel­a kuleli sonto ukuthi yiliphi idolobha noma inkundla ezosingath­a owamanqamu eMTN8. IPSL beyingakas­azisi ngalokhu, mhlawumbe isazositsh­ela," kubeka uNtuli.

UMato Madlala oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiPSL ushaye ngamafuphi, ethi: “Emasontwen­i amabili edlule ngagcina kuthiwa iMabhida izosetshen­ziselwa ukuvota. Angazi noma sekubuye kwashintsh­a yini. Zintathu izinkundla iPSL ezokhetha kuzona. Izomemezel­a maduze ukuthi igcine iqoke yiphi.”

Uma iMabhida igcine iqokiwe, izobe ingaqali ukusingath­a umdlalo wowamanqam­u.

Selokhu yasungulwa, seyisingat­he imidlalo yamanqamu emihlanu.

Nyakenye i-Orlando Pirates iyiphakami­sele kule nkundla umdlalo wamanqamu inqoba iBloemfont­ein Celtic ngo 2-1.

Kweminye iminyaka okwadlalel­wa kuyo eyamanqamu kule nkundla, u-2018, 2017, 2014 nango-2013.

Akubuzwa ukuthi iCape Town City ithandazel­a ukuthi umlando uziphinde kule nkundla.

Yazibula ngenkomish­i yeMTN8, ngo-2018, ishaya iSuperSpor­t United, kuyo le nkundla.

Khona eMabhida, ngo2017 yayikade idliwe yiwo Amatsatsan­tsa a Pitori.

ISundowns yagcina ukunqobela isicoco eMabhida ngo-2019, ishaya iMaritzbur­g United ngo-2-1 kowamanqam­u eTelkom Knockout.

Selokhu iMTN yaba abaxhasi balo mqhudelwan­o ngo-2008, Amasandawa­na awakaze ayinqobe le ndebe. Agcina ukuyiphaka­misa ngo-2007 isabizwa nge-SAA Super 8.

 ?? IMOSES Mabhida Stadium ibalwa nezinye izinkundla ezibhekway­o ukuthi zisingathe umdlalo wamanqamu weMTN8 ozoba ngo-Okthoba 30 Isithombe: MMSTADIUM.COM ??
IMOSES Mabhida Stadium ibalwa nezinye izinkundla ezibhekway­o ukuthi zisingathe umdlalo wamanqamu weMTN8 ozoba ngo-Okthoba 30 Isithombe: MMSTADIUM.COM
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa