Isolezwe

Injini yoSuthu isiwubheke ngabomvu oweMazembe yodumo kwiCaf

-

UMDLALI waMaZulu FC ofike wazakhela ugazi uKeagan Buchanan (osesithomb­eni), ukholwa ukuthi umdlalo wabo ne-TP Mazembe yaseDemocr­atic Republic of Congo (DRC) yiwona ozobazwisa ukuthi kuyini ukudlala kwiCaf Champions League.

Usuthu luzokwamuk­ela iMazembe ebalwa namanye amaqembu ahlonishwa­yo kuleli zwekazi okufakazel­wa wukudla kwayo isicoco seChampion­s League amahlandla ayisihlanu.

Lo mdlalo womlenze wokuqala esigabeni sesibili kweyokuhlu­ngela ukungena kweyamaqoq­o eChampions League uzoba ngoLwesihl­anu ngo-5 ntambama, eMoses Mabhida Stadium.

UBuchanan obeyingxen­ye yamabutho kaBenni McCarthy atabalase aze anqoba ekugcineni kwiNyasa Big Bullets yaseMalawi kweyemilen­ze esigabeni

sokuqala, ukholwa ukuthi yima bezoqala bezwe ukuthi kusuke kukhulunyw­a ngani uma kukhulunyw­a ngeChampio­ns League.

“Sesikudlul­isile okwenzeke emdlalweni odlule nendaba yephenathi ngoba siyaqonda ukuthi izinto ezifana nalezi ziyenzeka kunobhutsh­uzwayo,” kusho yena ethimbeni labezindab­a loSuthu izolo ekuseni. Ngokwalo mdlali ofike Osuthwini esuka kwiMaritzb­urg United eyayimthol­e kwiKaizer

emibili

Chiefs, yena nozakwabo abasakwazi ukulinda ukuthi kufike usuku lomdlalo.

“Imimoya iphezulu ngendlela ekahle kuwona wonke umuntu ngoba umdlalo olandelayo sibhekene kuwona neqembu elikhulu e-Afrika.

“Imidlalo efana nalo esiya kuwona yiyo kanye ophupha ngayo uma ucabanga ngeChampio­ns League. Ukubhekana namaqembu abalwa namakhulu e-Afrika iyona kanye into esiyizele kulo mqhudelwan­o ngokho-ke wonke umuntu uma ngezinyawo ekhempini kulindwe usuku lomdlalo.

“Akukho okutheni okubhekwe kithina kulo mdlalo uma kuzoyiwa ngokwesipi­liyoni seChampion­s League. Yingakho siya kuwona singenaval­o futhi singenayo ngisho nencane ingcindezi.

“Esingakwen­za ukuzimisel­a kakhulu kunakuqala ukuqinisek­isa ukuthi siyawunqob­a umdlalo wasekhaya,” kusho lo mdlali.

UBuchanan oke wadlala nakwiBloem­fontein Celtic, uthe okwenzeke koweBig Bullets ibashayela ekhaya kowomlenze wokuqala kubavule amehlo ngengcuphe ehambisana namaphutha afana nalawo.

“Esikufundi­le ubumqoka bokunqoba imidlalo yasekhaya ngoba sibonile ukuthi kunzima kanjani uma usumelwe umqansa wokuwina ekuhambeni.

“Zonke izinhlelo zihamba kahle. Ngisho sesibuyela kweyeligi sizobe siphumule kahle silunge ngokwanele ukuqhubeka ngomgqigqo ofanayo nakwiDStv Premiershi­p,” kuphetha uBuchanan.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa