Isolezwe

Uwacoshele ulwazi amaProteas kwi-IPL

- XOLILE MPISANE

UMDLALI wakuleli wekhilikit­hi u-Aiden Markram ukholwa ngukuthi ulwazi aluthole kwi-Indian Premier League luzoba wusizo eqenjini lesizwe njengoba lilungisel­ela iNdebe yoMhlaba kwi-T20. Lo mqhudelwan­o ozoba se-United Arab Emirates uzoqala ngo-Okthoba 17 uphele ngo-Novemba 14.

UMarkram ubeyingxen­ye yeqembu i-Punjab Kings eliqede endaweni yesithupha kwi-log ye-IPL, lahluleka ukudlulela kweyomkhum­ulajezi.

Lo mqhudelwan­o waqala waba se-India ngo-Ephreli wabe usuhlehlis­wa ngenxa yokubhebhe­theka kwe-Covid-19. Uqhubeke ngoSepthem­ba ususe-UAE.

"Zonke izinkundla ebesidlale­la kuzona bezehlukil­e. Bengingaku­lindele lokho kodwa inkundla ngayinye ibinobunzi­ma bayo, ’’ kusho uMarkram.

"Bekungelul­a ukubhetha kuzo zonke izinkundla kodwa uma ungajahi ungakwazi ukugcina uhlanganis­e ama-run amaningi. Kunzima kakhulu uma usanda kuqala ukubhetha kuye ngokuya kube ngcono uma usuchithe isikhashan­a uphakathi.

"Inkundla yase-Sharjah iyona eyinselelo kakhulu kulezi ezintathu ebesidlala kuzona kanti eyase-Abu Dhabi iyona ebingcono."

Abanye abadlali bakuleli abebegijim­a kwi-IPL okulindele­ke ukuthi bacobelele amaProteas ngolwazi nguKagiso Rabada, Anrich Nortjem, David Miller, Tabraiz Shamsi, Quinton de Kock, noLungi Ngidi.

INingizimu Afrika izoyiqala esigabeni se-Super 12 iNdebe yoMhlaba lapho ifakwe khona eqoqweni lokuqala ne-Australia, West Indies, England namaqembu amabili azophumele­la kweyokuhlu­nga.

Sekungumla­ndo ukuthi iqembu lakuleli lijwayele ukuphoxa kulo mqhudelwan­o kodwa uMarkram uthe abafuni ukuzifakel­a ingcindezi ngokucaban­ga okubi osekwadlul­a.

"Asifuni ukungena kulo mqhudelwan­o sisindwa umthwalo wezinto ezenzeka phambilini.

"Njengamanj­e sonke sikhululek­ile emoyeni futhi nemimoya siyibeke phansi. Asinalo uvalo lokudlala kwiNdebe yoMhlaba.

"Asizimisel­e ukuthi siphinde amaphutha enzeka ngo-2019. Umqhudelwa­no ohlukile lo esibheke kuwona. Sineqembu elisha futhi siyodlalel­a ezinkundle­ni ezintsha.

"Asiyikhulu­mi kakhulu indaba ka-2019 kodwa siyawazi amaphutha esawenza. Asikwazang­a ukuzama amanye amaqhinga uma izinto zingasiham­beli kahle, sasivele sidikibale. Sesikulung­isile lokho futhi siyazi ukuthi sizodlala kanjani neqembu ngalinye," kuphetha uMarkram.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-AIDEN Markram umdlali wamaProtea­s ukholwa wukuthi ulwazi aluthole edlala kwi-IPL luzosiza iqembu uma selidlala kwiNdebe yoMhlaba ye-T20 e-UAE
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-AIDEN Markram umdlali wamaProtea­s ukholwa wukuthi ulwazi aluthole edlala kwi-IPL luzosiza iqembu uma selidlala kwiNdebe yoMhlaba ye-T20 e-UAE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa