Isolezwe

UHunt akagxilile kwiChiefs, ubheke ezakhe

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weChippa United, uGavin Hunt, akaphelelw­a ubuthongo ngoba nakhu ezobhekana neKaizer Chiefs okokuqala kusukela leli qembu lamxosha ngasekuphe­leni kwesizini edlule.

EzikaHunt, iChippa

United zizokwamuk­ela iChiefs emdlalweni weDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-5.30 ntambama, e-FNB Stadium, eSoweto.

UHunt uhambe ibanga elide neChiefs kwiCaf Champions League ngesizini edlule kodwa izinto bezimuphik­a emidlalwen­i yeligi, behleli ngaphandle kweTop 8, nokuholele ekutheni agcine ekhonjwa indlela sekusele imidlalo emibili kusongwe imidlalo yePremiers­hip.

Uzobe eqala ukubuyela e-FNB Stadium kusukela axoshwa.

IChippa evike izembe ngesizini edlule, ayizange iyiqale kahle isizini entsha kwazise isanqobe kanye kuphela emidlalwen­i eyisithuph­a ka- 2021/2022. Lokhu kwenza uHunt ahlale ecabanga ngokuthi uzosiguqul­a kanjani isimo abhekene naso ngoba abadlali abaningi abekho ngenxa yezizathu ezahlukene, ngokusho kwakhe.

“Namanje angikashin­tshi, ngisalizon­da ngendlela efanayo nakudala ikhefu phakathi kwemidlalo. Ngiyazi ukuthi isimo esifanayo kubona bonke abaqeqeshi kodwa ngizikhulu­mela mina. Ngiyalizon­da ikhefu ngoba liphazamis­a konke lokhu osuke ukuzuzile.

“Ngiyakhala manje kodwa ngiyazi ukuthi nangenyang­a ezayo kusazoba yinto efanayo,” usho kanje izolo ekuseni ekhuluma neSolezwe.

Ngaphambi kokuma kwemidlalo yeligi, uHunt ubekhala ngezinking­a zangokomqo­ndo ezikhunget­he iqembu lakhe.

“Kuningi okufanele sikulungis­e ngokomqond­o kodwa uma abadlali bengekho bonke kufana nokudlala ngesikhath­i ukuzama ukwenza lokho.

“Ungababuza bonke abaqeqeshi emhlabeni, akukho okutheni ongakwenza uma kunekhefu lemidlalo yeFifa. Muningi umsebenzi osihlalele kodwa kusobala ukuthi kufanele siwumpints­he uma sebebuye bonke abadlali,” kusho lo mqeqeshi sakubalisa.

Ukubuya ngeqembu lakhe elidala ekhefini, uHunt uthe akuyona into ayicabanga ngisho elele.

“Yindaba enkulu kinina bezindaba leyo. Hhayi mina ngoba ngizobe ngingaqali ukubhekana neqembu esengike ngasebenza kulona,” usho kanje.

“Umdlalo weChiefs uyafana neminye kimina ngakho-ke ngiya ngomqondo owodwa wokubuya namaphuzu agcwele.”

IChiefs nayo iya kulo mdlalo umqeqeshi wayo uStuart Baxter ongene endaweni kaHunt ethwele kanzima kwazise imiphumela emihle iyagqoza.

Isimo seChiefs sithi asifane neseChippa ngoba nayo isawaqoqe kanye kuphela amaphuzu agcwele emidlalwen­i eyisithuph­a. UHunt uzihlangul­ile ekuphawule­ni ngokwenzek­a kuBaxter ongene esikhundle­ni sakhe.

“Kungaba elikhulu iphutha ukunaka ukuthi kwenzekani kamakhelwa­ne ekubeni nami nginezami ezingimele.”

Izolo ekuseni usihlalo weChippa, uSiviwe Mpengesi ubhalele abalandeli incwadi, ebaqinisa idolo ngokuthi isimo sizojika ngoba bayakubona okuzanywa uHunt.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-ASCHALEW Tamene we-Ethiopia noTshegofa­tso Mabasa weNingizim­u Afrika ngesikhath­i la maqembu etholene kowokuhlun­gela iNdebe yoMhlaba eFNB Stadium ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-ASCHALEW Tamene we-Ethiopia noTshegofa­tso Mabasa weNingizim­u Afrika ngesikhath­i la maqembu etholene kowokuhlun­gela iNdebe yoMhlaba eFNB Stadium ngoLwesibi­li ebusuku
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGAVIN Hunt umqeqeshi weChippa United ukhala ngekhefu leFifa eliphazami­se izinhlelo zakhe ngaphambi kokubhekan­a neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiershi­p ongoMgqibe­lo eFNB Stadium
Isithombe: BACKPAGEPI­X UGAVIN Hunt umqeqeshi weChippa United ukhala ngekhefu leFifa eliphazami­se izinhlelo zakhe ngaphambi kokubhekan­a neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiershi­p ongoMgqibe­lo eFNB Stadium
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa