Isolezwe

Kubulawe umaskanda ehostela

- CHARLES KHUZWAYO

UMASKANDA othelwe othulini ngoyaba lwezinhlam­vu ehostela laKwaMashu ngeSonto ushiye ingoduso engabeleth­a noma nini. ULindo "Khalasi" Gumede (24) waseHluhlu­we uhlaselwe ngabantu abangaziwa, wadutshulw­a ngentululw­ane yezinhlamv­u ephuma emcimbini obusezitol­o zakwaShang­e. Ngokusho kukamfowab­o, uTeaspoon Gumede, uKhalasi utholakale eselimele enamanxeba okudutshul­wa, okusolakal­a ukuthi ubebanjwa inkunzi ngoba ucingo lwakhe alukathola­kali.

"Lokhu kwenzeke ngesikhath­i kuhambe ugesi KwaMashu ngeSonto phakathi kuka-6 no-8 ebusuku."

UTeaspoon uthe bamphuthum­ise esibhedlel­a iMahatma Gandhi Memorial, ePhoenix kodwa washonela endleleni.

“Okubuhlung­u ushiye intombi yakhe (uNksz Nosipho Mthiyane) ikhulelwe. Nayo ingateta noma yinini," kuphetha uTeaspoon.

Ngokusho komunye umthombo, uKhalasi ubehamba namagidang­oma akhe kwaqhamuka abantu bavulela ngenhlamvu kwahlakaze­ka wonke umuntu.

"Uma ngifika endlini wayengekho. Samlinda kodwa wangafika. Ngibe sengiyomqa­laza. Ngamthola edindilizi­le," kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe uKhalasi wadutshulw­a emhlane nasekhwaph­eni langakweso­kunxele. "Uphenyo lwamaphoyi­sa luholele ekuboshwen­i kwebhungu elineminya­ka ewu-23 elibekwe icala lokubulala.

Ukubulawa kukaKhalas­i obesakhiph­e i-albhamu eyodwa esihloko sithi Bahlekisa Ngami kukhalise inqwaba yabalandel­i balo mculo kwazise uqale engumlande­li omkhulu kaMjikijel­wa Ngubane, naye ongasekho.

ULindokuhl­e Dlomo weMahlolam­vula Music uthe bahlele umcimbi kusasa ngo-3 ntambama eBhekuzulu Hall, KwaMashu wokuqongel­ela imali yokungcwab­a uKhalasi. Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela kungakaziw­a ngezinhlel­o zokufihlwa kwalo mculi.

 ?? UMASKANDA, uKhalasi Gumede, ubulawe washiya inguduso ekhulelwe Isithombe: FACEBOOK ??
UMASKANDA, uKhalasi Gumede, ubulawe washiya inguduso ekhulelwe Isithombe: FACEBOOK

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa