Isolezwe

Amaciko akuleli ayonandisa eDubai

- NOKUBONGWA PHENYANE

UZOVULWA ngabaculi bakuleli umcimbi ozobanjelw­a eDubai, iThe World

Expo 2020, nozophinde ukhonjiswe bukhoma kuMzansi Magic (161) naku1Magic (103), ngo-9 ebusuku ngeSonto.

Kubaculi nosaziwayo abazohambe­la lo mcimbi, abazofulat­hela elakuleli namhlanje, kubalwa uSho Madjozi, Pabi Moloi, Thando Thabethe, Coenie de Villiers, Dr Nothembi Mkhwebane, Khuzani Mpungose, Mzansi Youth, Drakensber­g Boys Choirs nabanye.

Kulo mcimbi abaculi nabalingis­i bakuleli bazobe beyoqhakam­bisa ubuhle bakuleli kuhlangani­sa namasiko. Kodwa okukhulu ngawo ukubheka umkhakha wamaciko nokuthi ungavusele­lwa kanjani ngemuva kokukhahla­nyezwa iCovid-19.

UKhuzani uthe ukujabulel­e ukuba yingxenye yalo mcimbi futhi uthemba ukuthi kukhulu azokufunda kuwona njengoba ezohlangan­a namaciko akwamanye amazwe.

“Ngiyabonga kubona bonke abasinike ithuba elifana naleli. Ngiyathemb­a ukuthi abantu bakwamanye amazwe bazokuthan­da esizobakho­mbisa khona nabo bonke ozakwethu engiya nabo kuloya mcimbi. Ngiyomela abafowethu kumaskandi kulo mcimbi,” kuchaza yena.

U-Imtiaz Patel, onguSihlal­o kwaMultiCh­oice, uveze ukuthi iThe World Expo 2020 ingenye yemicimbi ekhombisa imisebenzi ehlukene eyenziwa ngamaciko aqhamuka emazweni ahlukene emhlabeni.

“Ngalo mcimbi sisuke siyoheha osomabhizi­nisi bakwamanye amazwe ukuthi beze kuleli futhi bafake imali emkhakheni wezokuvaka­sha. Umkhakha wamaciko nowokuvaka­sha yiwona oshayeke kakhulu ngesikhath­i seCovid-19 ngakho kulo mcimbi yomibili le mikhakha iyothola ithuba lokuthi iphinde ime futhi ukuze iqhubeke isebenze,” kuchaza u-Imtiaz.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? UTHANDO Thebethe ungomunye wamaciko akuleli azobe eyonandisa emcimbini iThe World Expo eDubai
Isithombe: TWITTER UTHANDO Thebethe ungomunye wamaciko akuleli azobe eyonandisa emcimbini iThe World Expo eDubai

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa