Isolezwe

Umfundi ujeziswe ngokushayw­a yikilasi lonke ‘edelela ‘ uthisha

- PHILI MJOLI

KUSOLWA uthisha ngokushayw­a komfundi waseVumoku­hle Primary, eMlaza, okuthiwa washaywa ngabanye abafundi ngenxa yomyalelo wakhe.

Unina womfundi wentombaza­ne oneminyaka ewu-12, elingeke lidalulwe igama lakhe ngoba kuvikelwa umfundi, uthe umntwana wakhe akasafuni ukubuyela esikoleni futhi useke wabhala nencwadi evalelisa efuna ukuzibulal­a.

Umzali womfundi uthe ngenyanga edlule uthisha wamthumele­la iWhatsApp, ethi indodakazi yakhe imdelelile uze wafisa ukuyishaya kodwa wayekiswa wukuvikela umsebenzi wakhe.

"Uthe utshelwe ngomunye umfundi ukuthi ngaphambi kokuthi angene ekilasini uNo... (esho igama lakhe), uthe unesicefe akazi ukuthi kungani eze esikoleni ngabe kungcono ukuthi ugingqike nemoto wangafika esikoleni.

“Ngaphendul­a ngokuthi akamshaye ngoba ngiyazi ukuthi izingane zibuye ziphume esandleni.

“Ngangicaba­nga ukuthi uzomjezisa njengomunt­u omdala kanti yena uzotshela ezinye izingane ukuthi azimshaye okuyinto esingavume­lananga ngayo.

“Uma isibuya ekhaya ingane yafika ilimele ithi ishaywe yizingane zonke ekilasini ngoba kusho uthisha. Ngase ngiya esikoleni ngiyokhulu­ma nothishomk­hulu ngalolu daba," kuchaza umzali.

Uqhube wathi uthishomkh­ulu ubengakaba­hlanganisi nothisha ngoba uthisha wathatha ilivu yokugula. Kodwa ingane yakhe iyaluthola usizo lokwelulek­wa ngokwengqo­ndo ngosizo lomnyango.

"Umntwana ubesengcon­o futhi esebuyele esikoleni kodwa namhlanje (izolo), ubuye singakaphu­mi isikole ekhala ethi ushaywe ngomunye umfundi.

“Umfundi omshayile, umshaye emuva kokuthi uthisha wabo ekhulume nabo kwiselula yomunye uthisha kulo leli sonto. Ngithole ukuthi nakuba uthisha engekho esikoleni kodwa ushayele omunye wothisha emcela ukuthi amfake kwispeaker ufuna ukukhuluma nabafundi.

“Watshela izingane ukuthi usesibhedl­ela ngenxa yengane yami lokhu kudale ukuthi ezinye izingane zifune ukuyishaya futhi. Ingane yami ngibona sengathi ayisapheph­ile," usho kanje.

Kuthiwa uthisha, ongowesifa­zane, wavala umnyango wathi abanye abafundi abamshaye. Kuthiwa bamtheleke­le ngezimpama abanye bambhonya emhlane, bemshaya nangezincw­adi. Umfundi unezixwazi ebusweni nasemhlane.

UMnuz Sihle Mlotshwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal , uthe uyajabula ukuthi umnyango ungenele kulolu daba wasiza umfundi.

"Kuyadabuki­sa ukuthi umuntu owuthisha angahlohla izingane ukuthi zishaye enye. Sisazocela umbiko ehhovisi labahloli sizwe ukuthi kwenzekeni," kusho uMlotshwa.

UCaptain Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kuvulwe icala lokushaywa komfundi esesikolen­i eshaywa ngabanye.

"Umfundi oneminyaka ewu-12 kuthiwa washaywa esesikolen­i. Okwamanje icala livulelwe abafundi, uthisha uyongena uma bethe babethunyw­e nguye.

“Udaba luphenywa ngamaphoyi­sa asesiteshi­ni iBhekithem­ba."

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa