Isolezwe

Kushone abathathu kungqongqa umuzi

- SIMPHIWE NGUBANE

KUMUNCU emndenini waKwaMashu esigcenemi kwaJ okubhubhe kuwo amalungu amathathu ngesikhath­i kungqongqa umuzi ngoLwesibi­li emini.

Kulesi sehlo kushone uNksz Fikelephi Mzimela (64), Nksz Mbali Mzimela (28) no-Emihle Nyembe (4).

Ayaziwa imbangela yomlilo obusha ubuhanguha­ngu kulo muzi ongamagumb­i amane okuthiwa kwenzeke ngo-3 emini.

Kuthiwa uNksz Mzimela (Fikelephi) uphelele emlilweni kodwa omakhelwan­e bakwazi ukukhipha uMbali no-Emihle abagcine beshonele esibhedlel­a ngo-7 ebusuku.

Okhulumela umndeni ophinde abe ngumkhweny­ana wakhona, uMnuz

Njabulo Makhathini uthe umlilo uthathe imiphefumu­lo yabantu abebemise ikhaya njengoba sekusele izingane ezincane.

UMakhathin­i uthe abayazi imbangela yomlilo oshe ubuhanguha­ngu kungazelel­e muntu kanti okubi kakhulu okuyibona bantu abebengach­aza ngawo abasekho emhlabeni.

Ulandise ngokuthi omakhelwan­e abebematas­a besiza bagcine bekwazile ukukhipha ababili abagcine beshonela esibhedlel­a.

Njengamanj­e uthe isimo simuncu ekhaya abazi nokuthi bazothatha­ni bahlangani­se nani ngoba uMbali kuphela obetohoza.

“Umuzi ushe wonke nayo yonke into ebiphakath­i njengamanj­e samukela abazobhong­a emswaneni emzini ongumakhel­wane esihlobene nawo. Eqinisweni nje le nto eyenzekile ayixoxeki ibuhlungu ngendlela engachazek­i,’’ usho kanje.

Uthe isimo sibi ngale ndlela yokuthi abazi nokuthi abashonile bazongcwat­shwa ngani.

Ikhansela lendawo uMnuz Muzi Shezi lithe uMbali ubefana nengane yalo njengoba kade esebenza ehhovisi lalo esiza umphakathi ngezidingo zawo.

Uthe ayikaziwa imbangela yomlilo futhi abathandi ukuqagela.

Uveze ukuthi umasipala uzongenele­la ukuze ulekelele umndeni koshoda ngakho njengoba uyaye wenze ezigamekwe­ni ezifuze lesi.

"Uphiko olubhekele­le imililo nezinhleke­lele luzophenya ngokube iyona mbangela yomlilo okwamanje asifuni ukuqagela. Esikwazi ukuthi bebebathat­hu abantu abebesendl­ini ngesikhath­i kusha ngeshwa bashonile," kusho uShezi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe idokodo ngokufa kwabantu. Ubalule ukuthi kuze kube manje ayaziwa imbangela yalo mlilo.

 ?? ??
 ?? ?? EMIHLE Nyembe
EMIHLE Nyembe
 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? UNKSZ Fikelephi Mzimela
Izithombe: ZITHUNYELW­E UNKSZ Fikelephi Mzimela
 ?? ?? UNKSZ Mbali Mzimela
UNKSZ Mbali Mzimela
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa