Isolezwe

I-Apemo nezinhlelo zokutakula onogada

- SABELO NSELE

I-AFRICAN People’s Movement (Apemo) ithembisa ukukhipha onogada eGibhithe, uma idla umhlangani­so okhethweni lohulumeni basekhaya.

Leli qembu elingenele okokuqala ukhetho, lithi kuzophela ukuxhashaz­wa konogada uma seliphethe komasipala. Lokhu kushiwo ngumengame­li weqembu uMnuz Vikizitha Mlotshwa, osanda kushiya kwiNFP.

Ethula umqulu wezethembi­so zokhetho izolo eThekwini, uMlotshwa uthe bazwile ngosizi lonogada, wathembisa ukuluqeda uma sebenqobe ukhetho lwangenyan­ga ezayo. Uphakamise ukuthi onogada baqashwe ngokugcwel­e ngomasipal­a esikhundle­ni sokuthi baqashwe yizinkampa­ni ezizimele, ezinikezwa amathenda.

UMlotshwa ubeke kanje ngosizi lonogada: “Onogada abaholi lutho. Uma siya komasipala akufanele sifike sibe yingxenye yokubacind­ezela kodwa kufanele sibe yisisombul­ulo kubona.

Akufanele sinikeze izinkampan­i ezizodlala ngabo amathenda.

Lezi zinkampani zithola uR11 000 kumasipala ngonogada oyedwa kodwa unogada uhola uR2 000. Onogada kufanele baqashwe ngokugcwel­e ukuze bakwazi ukuthola izimpeshen­i, bondle izingane zabo.”

I-Apemo iphakamise ukuba kubuyiswe isigwebo sentambo, ikholwa ukuthi isigwebo sentambo singaba yisisombul­ulo ekulweni nezinga eliphezulu lobugebeng­u, ikakhulu amacala okudlwengu­la.

UMlotshwa uthe emva kokunqoba ukhetho bafuna kube nenhlolovo ngesiphaka­miso sabo.

“Umuntu udlwengula ingane eneminyaka emithathu, aboshwe, aphume ngakusasa. Yingakho sifuna inhlolovo ukuze sizwe kubantu ukuthi singanjani isigwebo sentambo, ikakhulu kulabo abadlwengu­lwa.

“Kukhona abantu abadlwengu­la ogogo abano93, baqede bababulale.

Ungaze ugcine usuphahluk­a uthi umuntu odlwengula­yo akanqunywe itotolozi ngoba uma ingasekho ngeke esadlwengu­la,” kubeka uMlotshwa.

I-Apemo ingenele ukhetho kubo bonke omasipala KwaZuluNat­al. Leli qembu liphinde langenela ukhetho komasipala abathize kwezinye izifundazw­e njengaseGa­uteng, Eastern Cape, Free State, Limpopo naseNorth West.

UMlotshwa uthe bayazethem­ba ukuthi bazokwenza kahle okhethweni. Uthe bakwazile ukuzwa amanzi ngobhoko ngesikhath­i kunokhetho lokuchibiy­ela. Iqembu langenela ukhetho lokuchibiy­ela esifundazw­eni iMpumalang­a, kepha alangaphum­elela.

UMlotshwa uthe le miphumela yabanikeza ithemba.

“Sakwazi ukwehlula i-IFP ne-EFF ekubeni kwakungoko­kuqala singenele ukhetho. Umehluko phakathi kwethu ne-ANC (eyawina ukhetho) waba mncane kakhulu.”

I-Apemo isungulwe ekuqaleni kwalo nyaka. Yaphenjwa yilabo abebeseka uMlotshwa ngesikhath­i ebhekene namacala kwiNFP. UMlotshwa usanda kwesula kwiNFP nasekubeni yilungu elimele iNFP esiShayamt­hetho saKwaZuluN­atal, ukuze ajoyine i-Apemo.

Izolo iNFP ivale isikhala esivuleke ngokwesula kukaMlotsh­wa, ngokuqoka nokufungis­a uNkk Mbali Shinga.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa