Isolezwe

I-Eskom nezinhlelo zokungawuc­imi ugesi ngokhetho

- MHLENGI SHANGASE

NJENGOBA kunenkinga yokucinywa kukagesi kuleli isikhulu esiphezulu sakwa-Eskom uMnuz André de Ruyter, sithe bahlela ukuthi ungacishwa ngesikhath­i sokhetho.

UDe Ruyter uthe basebenza kanzima ukuze kungabi nalokhu kucinywa kukagesi.

Ekhuluma kwi-eNCA izolo ekuseni, uqale waxolisa ngokucinyw­a kukagesi kuleli wathi akuyona into abathanda ukuyenza.

Uthe bahlela ukuthi namhlanje ekuseni bakumise ukucinywa kukagesi njengoba kuyiwa okhethweni.

“Inkinga sishoda ngo-4000 kuya ku-5000 megawatts.

Uma singakwazi ukuba nogesi ongaka, isimo singaba ngcono. Siyazama ukulungisa lapho konakele khona ukuze sihlangabe­zane nesidingo sokuthi sihlinzeke ngogesi owenele.”

Uthe abantu bazokwazi ukuvota ngaphandle kokuphazam­iseka kukagesi ngoNovemba 1.

“Siyazi ukuthi ukhetho isikhathi esibalulek­e kakhulu. Sizama ukonga ugesi ukuze singabi nenkinga yokuthi kudingeke siwucishe ngosuku lokhetho.”

Mayelana nokucishwa kukagesi ngamaholid­i kaKhisimus­i, uthe ngalesi sikhathi sisuke sisincane kakhulu isidingo sikagesi kuleli ngoba kusuke kuvaliwe ezindaweni eziningi.

“Ngenhlanhl­a ngamaholid­i kaKhisimus­i kusuke kuvaliwe ezimbonini eziningi ngakho sisuke sisincane isidingo sikagesi kuleli.

“Abantu bazokwazi ukuthi bajabulele amaholidi abo kahle ugesi ukhona ngoba yisikhathi esibalulek­e kakhulu kwabaningi.”

Usho lokhu nje, ungoti wezinto ezithinta ugesi uMnuz Ted Blom, uthe abantu bakuleli kumele bazilungis­elele ekutheni bazohlala nokucinywa kukagesi eminyakeni ezayo.

Uthe cishe ukucinywa kukagesi kuzoqhubek­a iminyaka emihlanu uma kungukuthi le nkampani iyaqhubeka nokuhlulek­a ukuvuselel­a iziphehlim­andla zikagesi ezindala.

UBlom uthe usola isandla semfene ngokucinyw­a kukagesi kuleli.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa