Isolezwe

Kumi ngomumo ngomthanda­zo kaZuma

- SABELO NSELE

INHLANGANO engenzi nzuzo yowayengum­engameli, uMnuz Jacob Zuma, iJG Zuma Foundation, ithi sebekulung­ele ukuba nomkhuleko wokwamukel­a uMsholozi.

Inhlangano izoba nomkhuleko wokwamukel­a uZuma, ngemva kokudedelw­a kwakhe ngoshwele wokugula. Udedelwe ngenyanga edlule ngemva kokudonsa izinyanga ezimbili zesigwebo sezinyanga ezingu-15. UMsholozi walahlwa yicala lokudelela umyalelo weNkantolo yoMthethos­isekelo.

Namhlanje inhlangano kaZuma izosingath­a umkhuleko wokumemuke­la eMoses Mabhida People’s Park, eThekwini.

Okhulumela iJG

Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe sebekulung­ele ukusingath­a umkhuleko. UManyi uthe umthandazo uzohanjelw­a abamabandl­a ehlukene nabelaphi bendabuko kanti kulindelek­e ukuthi zitheleke ngezinkani izinkumbi zabalandel­i bakhe.

“Wonke umuntu wamukeleki­le. Sinxusa abantu ukuthi balandele yonke imithetho ebekelwe ukulwa nokusabala­la kobhubhane iCorona. Silindele ukuthi umoya oyingcwele uyidudulel­e kude iCorona,” kusho uManyi.

Uqhube wathi uMsholozi uyawudinga umkhuleko.

“Usebhekane nezikhathi ezinzima kakhulu. Kuyimanje kukhona nabasiphon­sela inselelo isinqumo sokudedelw­a kwakhe ngoshwele wokugula.”

Izinhlanga­no, iHelen Suzman Foundation, i-AfriForum neDA zasiphonse­la inselelo enkantolo isinqumo sokudedelw­a ngoshwele wokugula kukaZuma. Wadedelwa ngoshwele wokugula ngemva kokuhlala isikhathi eside esibhedlel­a esingaphan­dle kwejele laseMtshez­i, elashelwa isifo esingadalu­lwanga.

Ngokombiko kadokotela owaputshuz­elwa abezindaba, impilo kaZuma isengcuphe­ni. Umbiko waveza ukuthi kungathath­a izinyanga eziyisithu­pha ukumelapha.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa