Isolezwe

Iyachithwa eyokuphoqw­a kwezitshud­eni ukugomela iCovid-19

- MHLENGI SHANGASE

NJENGOBA zanda izikhungo zemfundo ephakeme kuleli ezibhunga eyokuthi kube yimpoqo ukuthi izitshuden­i nabasebenz­i bagomele iCovid-19, isikhulu esiphezulu seHigher

Health, okuwuhlaka oluseMnyan­gweni wezeMfundo ePhakeme, sithi kuseva ukuthi ukugoma kungenziwa impoqo.

USolwazi Ramneek Ahluwalia uthe okunalokho kumele kuqhutshek­we nokugqugqu­zela izitshuden­i ukuthi zigomele leli gciwane ngoba ikhona ingxenyana esabela leli khwelo.

Uthe kusanda kuvulelwa abaneminya­ka engu-18 ukuthi bagome, ngakho kuseva ukuthi kungakhulu­nywa eyokuthi kube yimpoqo ukugoma ngaphambi kokuba kubonakale ukuthi bangaki abasazophu­ma bagome.

“Imikhandlu yezitshude­ni iyayichith­a eyokuthi kube yimpoqo ukuthi izitshuden­i zigome. Akuqhutshe­kwe nezingxoxo ngoba noma kusagome abancane, kodwa ngikholelw­a ekutheni baningi abanye abasazophu­ma beyogoma.”

Uthe izikhungo zihlukile ngakho kumele zithathe izinqumo ngokuhluka­na.

Usho lokhu nje, eNyuvesi iWits, eyaseKapa neyaseFree State, kubhungwa eyokuthi kumele kube yimpoqo ukuthi izitshuden­i zigome.

Izolo iNyuvesi yaseKapa ibe nengxoxo nabasebenz­i ngalolu daba kanti namhlanje izoba nengxoxo efanayo nezitshude­ni.

Isitatimen­de esikhishwe yile nyuvesi, sithe emuva kwezingxox­o udaba luya emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu esilawula inyuvesi.

“Izikhulu zenyuvesi zizodlulis­a imibono yabasebenz­i nezitshude­ni emhlanganw­eni wesigungu esilawula inyuvesi ngoMgqibel­o. Lo mkhandlu wenyuvesi iwona ozophuma nomkhomban­dlela.”

Umkhandlu wenyuvesi wavumelana ngo-elethu ukuthi kumele kube yimpoqo ukuthi izitshuden­i zigome.

Umkhandlu wezitshude­ni eWits uchitha eyokuthi kube yimpoqo ukuthi kugonywe izitshuden­i.

UNhlonipho Nxumalo uNobhala jikelele womkhandlu wezitshude­ni, eWits uthe abahambisa­ni nesiphakam­iso sethimba eliphezulu sokuthi kube yimpoqo ukugoma kwezitshud­eni.

Uthe le migomo ekhishwe yileli thimba ibinxenxa ukuthi kuphawulwe kuyona kuleli sonto.

“Asihambisa­ni nalokhu ngoba imigomo yesikhungo ithi labo abangagomi, kumele bahlolwe masonto onke ngemali yabo ukuthi abanalo yini igciwane. Imigomo ithi uma ungagomile ngeke ukwazi ukwenza ezinye zezinto enyuvesi okuyinto esingahamb­isani nayo.”

Uthe abangagomi­le ngeke bathamele nemicimbi yokuthwesw­a kwemiyezan­e, ngeke bavunyelwe nokungena enyuvesi, okusho ukuthi kuzongena abantu abenemali abazokwazi ukuzihlola ngemali yabo.

Okhulumela iWits, uNksz Shirona Patel, uthe uma sebethole zonke iziphakami­so bazozibeka ezithebeni zomkhandlu olawula inyuvesi ukuze kube yiwo ozothatha isinqumo.

Uthe baphakamis­e lokhu ukuze kwehle ukuthelela­na kwabantu ngaleli gciwane futhi ukuze kube nemicimbi.

“Siyinyuves­i efundisa ngokuthi abantu babe semakilasi­ni, ngakho kubaluleki­le ukuthi bagome. Ukugoma kuzovikela abaningi enyuvesi. Sithi abasebenzi nezitshude­ni kumele baveze ukuthi bagomile, ngokuba namakhadi azohlangan­iswa nezinto zabo zokungena enyuvesi. Abangaphan­si kuka-18 weminyaka kanjalo nalabo abangavume­lekile ukugoma ngenxa yezempilo, ngeke kudingeke lokhu kubona.”

ENyuvesi iFree State umkhandlu wezitshude­ni uyayichith­a eyokuthi kusuka ngonyaka ozayo zonke izitshuden­i kumele zibe sezigomile ukuze zikwazi ukungena kule nyuvesi.

Lo mkhandlu uthe kusamele kubhungwe kabanzi ngalesi siphakamis­o kodwa zingaphoqw­a izitshuden­i ngoba akekho ophoqiwe ezweni ukuthi agome.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa