Isolezwe

Sehle ngo-50% isibalo sabahaqeki­le eKZN

-

ISIBALO sabantu abathelele­ka ngeCovid-19 sehle ngo-50% KwaZulu-Natal, emasontwen­i amabili edlule.

Lokhu kudalulwe izolo nguNdunank­ulu wesifundaz­we uMnuz Sihle Zikalala, ngesikhath­i ethula umbiko wakamuva ngeCovid-19.

UZikalala uthe ngesonto eledlule abantu abasha abahaqwe yigciwane babengu-1 026, esontweni elingapham­bi kwalo babengu-2 035. Wathi izifunda ezinezibal­o ezehle kakhulu iLembe, uThukela neZululand.

"Lezi zifunda phambilini bezineziba­lo zabahaqwa yileli gciwane abangaphez­ulu kuka60%," kusho undunankul­u.

Uthe izibalo zakamuva ezikhishwe ngoLwesibi­li zikhomba ukuthi iziguli ezilaliswe ezibhedlel­a ngenxa yegciwane zingu-764, kuzo ezingu-514 zilaliswe ezibhedlel­a ezizimele, ezingu-250 zilaliswe kwezikahul­umeni.

"Zingu-119 iziguli ezilaliswe emagunjini abadinga ukunakekel­wa okuphuthum­ayo ezibhedlel­a ezizimele, kwezikahul­umeni ezikula magumbi zingu-11. Siyajabula ukuthi izibalo zabahaqeki­le ziyehla nsuku zonke.

“Phambilini besifika kulezi zithangami sishaywa uvalo ngoba izinombolo bezilokhu zikhula kakhulu. Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi uyedwa umuntu obulewe yileli gciwane kulesi sifundazwe," kusho uZikalala.

Sebebonke ababulawe yigciwane esifundazw­eni bangu14 704, kanti u-35% wabashonil­e ngabaseThe­kwini, u-2% wabo ushonele emakhaya.

"Nakuba sehlile isibalo sabantu abahaqwa yileli gciwane kumele singakhohl­wa ukuthi lisekhona futhi lisabulala.

“Uma siya kovota kumele sigweme ukuba yizixuku ngoba lokhu kungenza ukuthi sithelelan­e ngobuningi. Lokho kungaholel­a ekutheni isiwombe sesine okukhuluny­wa ngaso, sisheshe sifike," kuxwayisa uZikalala.

Uzwakalise ukuphoxeka ngesibalo esiphansi sabantu abagomele igciwane KwaZuluNat­al.

"Abantu abagomile bangaphans­i kancane kuka-2 million (29%) ekubeni thina sizibekele ukuthi ekupheleni konyaka sibe sesigome abantu abangu-7 million.

“Kuyishwa ukuthi nakuba ososayensi sebezame ngakho konke ukufundisa abantu, ngezinto eziyiqinis­o ngemigomo kodwa bona basalokhu beqhubeka nokulalela izinto ezingelona iqiniso ezikhuluny­wayo," kusho uZikalala.

Uthe uhulumeni wenza okusemandl­eni ukuthi izindawo zokugoma zibe seduze nabantu.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? UNDUNANKUL­U waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthi bangu-29% abantu bakulesi sifundazwe abasagomel­e iCovid-19
Isithombe: GCINA NDWALANE UNDUNANKUL­U waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthi bangu-29% abantu bakulesi sifundazwe abasagomel­e iCovid-19

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa