Isolezwe

Ibhemile kwabeba ugesi namanzi eThekwini

- SIMPHIWE NGUBANE

INHLANZI izoshelwa ngamanzi ebantwini baseThekwi­ni abakokotel­a amamitha ngenhloso yokungawak­hokheli amanzi nogesi njengoba uMasipala iTheku uzofaka amamitha amasha aziwa ngokuthi yiSmart Metering System.

Umasipala uthe la mamitha azowubikel­a ngokuphazi­ma kweso uma kukhona umuntu ozama ukukokotel­a ugesi noma amanzi.

IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, usanda kwethula lolu hlelo athi bahlose ngalo ukuphendul­a ngokushesh­a ezinkingen­i zabahlali abakhala ngogesi namanzi eThekwini.

UKaunda uthe abantu bavamise ukukhala ngokuthola izincwadi ezinezikwe­letu ezinkulu, futhi kabaphendu­lwa ngokushesh­a uma bebikela umasipala ngezinking­a ezithinta ugesi namanzi abahlangab­ezana nazo.

“Azosilekel­ela la mamitha ekulweni nokuntshon­tshwa kukagesi namanzi, abike ngokushesh­a uma kukhona ophazamisa ukusebenza kwawo,” kusho uKaunda.

Uncome lolu hlelo wathi luzolekele­la abantu benze izinto eziqondene nogesi besebenzis­a i-App yabathengi.

UKaunda uthe ngalolu hlelo olusha, izoba wumlando eThekwini indaba yokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga.

“Soqiniseki­sa abantu abacishelw­a ugesi kube mnyama bhuqe kodwa sizokwazi ukuthi silawule isimo ngokuthi sikunike umthamo othile kagesi ozokwazi ukugcina isitofu, ifriji kusebenza nezibani zikhanya,” kusho uKaunda.

Uxwayise abantu ukuthi basebenzis­e ugesi ngendlela ewongayo bangenzi izinto eziningi ngesikhath­i esisodwa.

Umasipala uzoqala uzwe amanzi ngobhoko ngalolu hlelo ngokuthi ulufake emizini engu120 000. Uma lusebenza kahle luzobe selufakelw­a nalabo abangu-600 000 abazobe besele.

Konke lokhu umasipala uthi uzobe ukwenza bhusende akudingeki ngisho indibilish ezobe iqhamuka kwizakhamu­zi.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa