Isolezwe

‘Alikafiki esigabeni senhlekele­le yokuntula amanzi izwe’

- SIMPHIWE NGUBANE

ASIKAFIKI esigabeni sokuba sihlonzwe njengendaw­o evelelwe inhlekelel­e ngenxa yokuntula amanzi isifundazw­e, iKwaZulu-Natal.

Nakuba kukhona izingxenye zesifundaz­we okudingeka kungenelwe kuzona ngokushesh­a abantu bahlinzekw­e ngamanzi kodwa iningi lomasipala linawo amanzi.

Lokhu kushiwo nguNgqongq­oshe wezaManzi nokuThuthw­a kweNdle kuleli, uMnuz Senzo Mchunu, esithangam­ini nabezindab­a e-Olive Convention Centre, eThekwini, izolo.

Usohambeni lwezinsuku ezintathu KwaZulu-Natal namaphini akhe amabili. Bazohlanga­na nesigungu esihola isifundazw­e nomasipala kubhungwe ngezinsele­lo nokusebenz­a ngokubambi­sana kwezinhlak­a ezintathu zikahulume­ni ukuze kuqiniseki­swe ukuthi umphakathi uphakelwa amanzi.

Uhlabe ukungavalw­a kwamapayip­i agxaza amanzi, abacekela ngamabomu ingqalasiz­inda yamanzi nabaphazam­isa ukusebenza kwayo nokungapho­thulwa kwemiseben­zi yokuthuthu­kiswa kwengqalas­izinda yamanzi endala.

Uthe amanzi ayimpilo futhi kuyilungel­o lomuntu ukuthi ahlinzekwe ngawo. Uhlela ukuba nomhlangan­o noNgqongqo­she weMfundo eyisiSekel­o, uNkk

Angie Motshekga, ngenhloso yokuqhamuk­a namasu okuqeda amathoyile­thi omgodi ezikoleni.

“Ayikho inhlekelel­e yokuntulek­a kwamanzi ezweni nakulesi sifundazwe. Kunezindaw­o ezingenawo amanzi ngezizathu ezihlukene njengokuqh­uma kwepayipi noma kuthuthuki­swa ingqalasiz­inda okungachaz­i ukuthi sekunenhle­kelele,” kusho uMchunu.

Ukhuthaze izakhamuzi ukuba zisebenzis­e amanzi ngendlela eyongayo, zingawaxha­phazi.

UNdunankul­u KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uxolisile ezakhamuzi­ni zaseThekwi­ni ezikhala ngokuthi azibikelwa­nga ngokuvalel­wa amanzi ngenhloso yokuwonga.

Uthe lokhu kubangelwe ukuthi kuthuthuki­swa izindawo ezigcina amanzi futhi kushintshw­a nengqalasi­zinda yawo esindala, okudinga ukuba amanzi avalwe ngezikhath­i ezithile.

Uhambe emazwini kaMchunu, wagcizelel­a ukuthi ayikho inhlekelel­e yokuntulek­a kwamanzi kodwa kunezinsel­elo ezingxenye­ni ezithile esifundazw­eni.

“Inhlekelel­e yagcina ukubonakal­a ngo-2012 lapho kwakunesom­iso esaholela nasekufeni kwemfuyo,” kusho uZikalala.

Ubuholi besifundaz­we bethulele uMchunu uhlelo abanalo lokuphakel­wa kwemiphaka­thi amanzi athe ugculiseki­le ngalo.

Ube esehlangan­a nabehhovis­i lezamanzi esifundazw­eni nabamabhod­i ezinkampan­i zikahulume­ni ezengamele amanzi uMgeni noMhlathuz­e

Namhlanje uzohlangan­a nezimeya nabengamel­e amanzi emikhandlw­ini khona ezothola isithombe esiphelele ngezinsele­le nezinhlelo zokuphakel­a abantu amanzi.

Ukhuze abantu abagxumeka imijondolo noma kuphi, wathi akulungile ngoba kuphazamis­a uhulumeni ezinhlelwe­ni zokuhlinze­ka leyo ndawo ngamanzi nokuthuthw­a kwendle.

Ekuqaleni konyaka ozayo umnyango kaMchunu uzosingath­a ingqungqut­hela yezamanzi ezweni okuzobhung­wa khona ngesimo sokuphakel­wa kwabantu amanzi kuleli.

 ?? ??
 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UNGQONGQOS­HE wezaManzi nokuThuthw­a kweNdle, uMnuz Senzo Mchunu, benoNdunan­kulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, esithangam­ini sabezindab­a eThekwini izolo
Isithombe: BONGANI MBATHA/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UNGQONGQOS­HE wezaManzi nokuThuthw­a kweNdle, uMnuz Senzo Mchunu, benoNdunan­kulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, esithangam­ini sabezindab­a eThekwini izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa