Isolezwe

Akazenyezi ngokukhuba­zeka

- PHILI MJOLI

AKAYINGENI eyozidabuk­ela owesifazan­e waseMtubat­uba, owanqunywa izinyawo zombili. UNksz Linda Lembede (28), ongumsungu­li wenkampani iBilateral Queen, ephekela imicimbi iphinde ibolekise ngezitsha, uthe wathatha isinqumo sokuthi ngeke aphile ngemali yempesheni yokukhubaz­eka.

Le ntokazi ithe yazalwa inesifo sikashukel­a, kwathi ngo-2017 yaphoqelek­a ukuthi ishiye izifundo zeBusiness Management ngenxa yokushints­ha kwempilo, okwaholela ekutheni inqunywe unyawo.

"Unyawo lwaqala lwabuhlung­u kepha anganganak­a. Ngokuhamba kwesikhath­i lwashintsh­a lwamnyama, ngagcina ngingasakw­azi ukuhamba ngesicathu­lo esivalekil­e. Bengilokhu ngiya kodokotela ngithathwa isicubu kwenziwa zonke izinto kwanhlanga zimuka nomoya. Kwagcina kuphoqelek­ile ukuthi ngibe nemoto engisusa emqashweni ingiyise eklasini.

Unyawo lwalulokhu lunezinkin­ga lwagcina seluphendu­kile, okwangapha­nsi kwaba ngaphezulu. Kwaphuma ubomvu, kububuhlun­gu sengathi nginezinal­ithi. Ngabona ukuthi kumele ngiyonquny­wa," kuchaza uNksz Lembede.

Uthe kwathatha isikhathi ngaphambi kokuthi aphume endlini ngemuva kokunqunyw­a esaba abantu.

"Ngisesesib­hedlela ngathola uMsamariya owathi uzokhokhel­a izifundo zokupheka uma ngithanda ukuzenza. Ngo-2019 nganquma ukuyeka ukuhlala ngikhala, ngizibuza izinto eziningi njengokuth­i ngubani ongathatha unkosikazi ongenamlen­ze? Ngingazi ukuthi ngisazonqu­nywa omunye."

Waqala ukufundela ukuba ngumpheki kodwa akuphelang­a isikhathi eside, olwesibili unyawo lwaqala lwabuhlung­u.

"Kulokhu yonke into yayishesha ngagcina sengihlule­ka ukusuka endlini engihlala kuyo ngiye ekilasini. Ngisho othisha bangitshel­a ukuthi angihambe ngiyolungi­sa impilo yami. Ngaqale ngazindela ngaqhubeka nokufunda kodwa ngingasayi ekhishini.

"Inhliziyo yami yaba buhlungu ngoba ngase ngamukele ukuthi nginonyawo olulodwa. Ngemuva kokunqunyw­a ngabuyela ekhaya ngaba nokhwantal­ala." Nyakenye wabuyela esikoleni kodwa uMsamariya obemkhokhe­la wathi ibhizinisi lakhe liphazamis­ekile ngenxa yeCovid-19 ngakho-ke ngeke esakwazi ukumkhokhe­la.

"Ngazitshel­a ukuthi angisabhek­i emuva ngizoqala ibhizinisi lami lokupheka ngisebenzi­se ulwazi enginalo. I-Corona yangiphaza­misa kodwa ngiyakwazi ukuziphili­sa. Inhloso yami ukuthi ngithule umthwalo kudadeweth­u okhokhela umshwalens­e wezempilo wami. Ngihlose nokufeza iphupho engangivel­e nginalo ngaphambi kokukhubaz­eka. Uma ngithole ithuba ngiye ngibhale ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ngikhuthaz­a abantu ukuthi basukume banyathele izinkinga ngoba ngikhuluma ngento engiyenza zonke izinsuku."

 ?? ?? LINDA LEMBEDE
LINDA LEMBEDE
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa