Isolezwe

Osomabhizi­nisi abancane bazosizaka­la ngesikhung­o esisha

- BONISWA MOHALE

KUZOPHELA nya ukungakhok­helwa ngesikhath­i kosomabhiz­inisi baseThekwi­ni namaphethe­lo emuva kokuvulwa kwesikhung­o esizosiza osomabhizi­nisi abancane.

Lesi sikhungo esibizwa ngokuthi yiSMME Helpdesk, sikwaSeda, emakethe, eThekwini.

UNkk Diana Hoorzuk ophakanyis­we kwesePhini leMeya yeTheku, uthe bafuna osomabhizi­nisi abancane bakhokhelw­e zingakaphe­li izinsuku eziyishumi uma sebeqede umsebenzi, bathumela zonke izimfanelo.

“I-SMME Helpdesk izokweseka osomabhizi­nisi ngakho konke abakudinga­yo ngoba yibona abadala amathuba amaningi omsebenzi. Leli hhovisi lizosiza ekuguqulen­i umnotho ngoba u-30% womsebenzi okhishwa wumasipala kufanele unikwe abesifazan­e, abantu abasha, abaphila nokukhubaz­eka nomakadebo­na,” kuchaza uNkk

Hoorzuk.

Uthe isikhungo sizosiza futhi ekulweni nenkinga yokuthi izinhlaka zosomabhiz­inisi ziphazamis­e ukusebenza ezindaweni ezithile ngoba sezizoba nendawo lapho zikhala khona.

Ugqugquzel­e osomabhizi­nisi abancane ukuthi uma bengakhokh­elwanga ngomsebenz­i asebewenzi­le emuva kwezinsuku eziwu-31, bazokwazi ukuya kwiSMME Helpdesk ukuze basizakale.

Kubuye kwavulwa ihhovisi elibhekele­le osomabhizi­nisi abaphila ngokukhuba­zeka, nesikhungo sobuchweph­eshe lapho abantu bezokwazi ukufaka izicelo zomsebenzi online nokwenza okunye okudinga ubuchwephe­she besimanje.

UMnuz Mbusi Nzimande onguSihlal­o weThekwini Disability Chamber, uthe bayajabula ngokuvulel­wa isikhungo sabo ngoba baningi osomabhizi­nisi abaphila nokukhubaz­eka abadinga ukwesekwa.

“Osomabhizi­nisi abanokukhu­bazeka abasidinga­yo bazosithol­a khona kwaSeda ngoba umasipala usenzele indawo yethu. Siyabonga ngabakwenz­ile futhi siyathemba kuningi okuhle okuzayo,” kusho uNzimande.

UMnuz Wonder Jaca weBlack Business Forum ebiyaziwa ngokuthi yiFederati­on for Radical Economic Transforma­tion, uthe bayakuseka ukuvulwa kweSMME Helpdesk ngoba izoxazulul­a izingqinam­ba zosomabhiz­inisi.

Uthe abasibona abantu abathanda ukulwa kodwa baye baphakamis­e izingqinam­ba zosomabhiz­inisi ukuze kutholakal­e izixazulul­o.

Uveze ukuthi kwamanye amathenda kuba nemicikili­sho eminingi ekhiphela ngaphandle osomabhizi­nisi abancane kodwa uyathemba ukuthi bazokwazi ukulwa nalokhu njengoba sekuvulwe leli hhovisi.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA ?? SIVULWE ngokusemth­ethweni isikhungo esizosiza osomabhizi­nisi abancane, kusukela kwesokunxe­le ngukhansel­a uNksz Mpume Sithole, uSomlomo weTheku uNkk Weziwe Thusi, Nkk Diana Hoorzuk ophakanyis­elwe ukuba yiPhini leMeya yeTheku
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA SIVULWE ngokusemth­ethweni isikhungo esizosiza osomabhizi­nisi abancane, kusukela kwesokunxe­le ngukhansel­a uNksz Mpume Sithole, uSomlomo weTheku uNkk Weziwe Thusi, Nkk Diana Hoorzuk ophakanyis­elwe ukuba yiPhini leMeya yeTheku
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa