Kuzoklonyeliswa amabhizinisi ezokuvakasha eThekwini
UMASIPALA weTheku uzoklomelisa okokuqala ngqa kuleli dolobha amabhizinisi ezokuvakasha.
Lezi zindaba zivele ngoLwesibili, ngesikhathi ophakanyiselwe kwesokuba yiPhini leMeya yeTheku, uNkk Diana Hoorzuk ethula ngokusemthethweni imiklomelo ebizwa ngeDurban Tourism Awards, e-Oyster Box Hotel, eMhlanga.
Imingenelo izovulwa ngoNovemba kuze kube wuFebhuwari wonyaka ozayo, bese imiklomelo iba ngoMeyi.
UNkk Hoorzuk, uthe bazobheka amabhizinisi nemikhiqizo yezokuvakasha eyimpumelelo futhi eheha izivakashi ukuba zize eThekwini.
Bazobheka namabhizinisi akwazile ukumelana nezikhathi ezinzima abhekana neCovid-19.
Uthe imiklomelo ivulelwe wonke amabhizinisi ezokuvakasha, akekho ozoshiywa ngaphandle.
Abazongenela bazohlolwa ngamajaji ayizazi kwezokuvakasha okungoNkk Lindiwe Rakharebe oyisikhulu esiphezulu e-Inkosi Albert Luthuli International
Convention Centre, uMnuz
John Aritho onguSihlalo wezokuvakasha kwiDurban Chamber of Commerce and
Industry, uNksz Phindile Makwakwa oyisikhulu esiphezulu seTourism KwaZuluNatal, Mnuz Ndabo Khoza oyisikhulu esiphezulu eShaka Marine World, Nksz Romy Wenzel weSapphire Coast Tourism noMnuz Paul Paine onguSihlalo we-1000 Hills Tourism.
Kulindeleke ukuthi amajaji ahambele izindawo nabantu abaqokiwe ukubheka indlela abasebenza ngayo.
Amabhizinisi azowina azothola imali engadluli uR30 000, i-laptop, iPad/tablet, ukwenzelwa nokubhekelelwa kwe-website izinyanga eziyisithupha, idata/ wifi yezinyanga eziyisithupha.
Amafomu okungenela azotholakala kwi-website yeDurban Tourism, ezinkundleni zokuxhumana nakuwo wonke amahhovisi eDurban Tourism.