Isolezwe

Alusukunye­lwe olokuba manqika kwabezempi­lo ukugoma

-

ABASEBENZI bezempilo babaluleke kakhulu empini yokulwa nobhubhane lweCovid-19, ngakho kuyakhatha­za ukuthi kunabangap­hezu kuka-20 000 abangaying­eni eyokugomel­a igciwane KwaZulu-Natal.

Lokhu kusho ukuthi isibalo sabezempil­o abangagomi­le siphezulu kakhulu njengoba izwe linezifund­azwe eziyisishi­yagaloluny­e.

INhloko yoMnyango wezeMpilo eKZN, uDkt Sandile Tshabalala, ithe umnyango ukhathazek­ile ngabaseben­zi abangazang­e bagome.

UTshabalal­a uthe umnyango uhlose ukuthi kushaye uDisemba ube usugome abantu abangu-7 million, yize okwamanje kusajove abangu-29%. Umnyango usuhlangan­ise lolu hlelo nokugqugqu­zela abasebenzi bezempilo ukuba bagome.

Kunezinkol­eloze ezifafazwa emiphakath­ini eyahlukene ngomgomo okunomthel­ela ekuhudulen­i izinyawo kwabantu. Ngakho-ke njengoba abasebenzi bezempilo beyingxeny­e yemiphakat­hi, akumangazi ukuthi nakubo kube nabangabaz­ayo.

Isimo esibhekene naso sikhona nakwamanye amazwe anjenge-United States of America, lapho kukhona inqwaba yabasebenz­i esatshiswa ngokuxoshw­a ngenxa yokungafun­i ukugomela iCovid-19.

Lokhu kukhomba ukuthi kufanele kube nokukhatha­zeka kwaboMnyan­go wezeMpilo ngoba siyabading­a kakhulu abasebenzi bezempilo ekulweni neCovid-19.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kwakuqalwe ngabo abezempilo ngesikhath­i kufika umgomo kuleli, kwenzelwa ukuthi bavikeleke ngoba basekhalen­i lempi.

Uma-ke abezempilo bengagomil­e lokho kubashiya besengozin­i yokuthola igciwane bese kukhinyabe­zeka izinhlelo zikahulume­ni zokulwa neCovid-19.

Nokho-ke kuyakhutha­za ukuzibophe­zela komnyango ukuthi uzothola umnyombo wokuba madolonzim­a kwabaseben­zi.

Kufanele izinyunyan­a zibambe iqhaza ekusizeni umnyango ukuthi uqonde izizathu zokuthi kungani abanye bezempilo bengafuni ukugoma.

Ekugcineni, umnyango kufanele ulalele abasebenzi ukuze usukumele ngokushesh­a izinto ezenza babe banqika ukugoma.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa