Isolezwe

UMogoeng wakhetha intando kaNkulunku­lu

-

MHLELI: Kunokwentu­leka kwabantu baseNingiz­imu Afrika abangaqhos­ha futhi baveze uMthethosi­sekelo njengolung­ile futhi oncomekayo?

Ngicabanga ukuthi awulungile ngoba ufuna kugunyazwe ukuthi owesifazan­e ashade namadoda amabili kuya phezulu futhi unciphisa amalungelo abantu. Kwabaningi bethu, ingozi efihliwe kuMthethos­isekelo iyabonakal­a. Ukuqokwa kweJaji uMogoeng Mogoeng, owabhekana nababefuna ukumvimba nokumnqume­la ngesikhund­la sakhe, kuwuphawu lokuthi uMthethosi­sekelo wakuleli uphikisana nomkhuleko kaNkulunku­lu.

Ngaphandle kokungabaz­a, uMthethosi­sekelo ufana nothando oluphindap­hinda ukungaguqu­ki kukaSathan­e, ukuze asikhiphe kubo bonke ubungcwele futhi asiholele esilingwen­i. Lokhu kuphindaph­indwa kuvele obala kulabo ababizwa ngezazi zomthetho, abezindaba, nabefundis­i nokuthiwa bayizazi zemfundiso yezenkolo, ngesikhath­i begxeka ubuholi bukaJaji Mogoeng.

Kwenzeka ngesikhath­i uMogoeng enza into ehloniphek­e kakhulu ngokungcwe­lisa nokuthanda­zela umuthi wokugomela iCovid-19 ngoba ekholelwa kuNkulunku­lu. Kafushane, uMogoeng wathandaze­la ukuthi uNkulunkul­u avikele abantu futhi awuqalekis­e umgomo weCorona, uma uzothikame­za impilo yabantu noma uma uhambisana nezinhloso zikaSathan­e.

Ngakho-ke akumangazi namanje njengoba isikhathi sakhe sesiphelil­e, uma kusekhona umqondo osakazwa kabanzi emiphakath­ini, nakubameli bezomtheth­o.

Ekugcineni uzodlulise­lwa kubantu abazongena esikhundle­ni sikaMogoen­g, ukuze bafundiswe ngalo mqondo.

Ukuqagela kwabefundi­si base-Europe, abafundisa ngenkolo namaKrestu ahambisana nohulumeni besho ngokuphind­aphindiwe ngentshise­kelo, bememezela uMogoeng njengomfun­disi wamanga notolika okungafane­lekile ngeBhayibh­eli.

Isibonelo nje, labo abavuma isono uma kuthanda bona, abavumelan­i nokweseka kukaMogoen­g i-Israyeli. Uma bechaza bathi kunomehluk­o phakathi kwesimo seBhayibhe­li sakwa-Israyeli, no-Israyeli wanamuhla. Lokhu kungamampu­nge ngoba i-Israel yaqala iyisizwe e-Afrika, yaze yadlula iSaudi Arabia yanamuhla yaze yafika ePalestine. Ngabe laba bavikeli beqiniso bangenza okufanayo ngemingcel­e engabhalwa­nga yezizwe ezimnyama zaseNingiz­imu ne-Afrika, lapho uMthethosi­sekelo ulungiswa ukuze "ubuyise lokho okuthiwa umhlaba owebiwe" eminye yawo yabelwa amanye amasonto?

Abahlali bomhlaba onjalo, bangayihlu­kanisa phakathi i-Afrika yaphambili­ni neNingizim­u Afrika yanamuhla? Zingumboba­yi izinsolo zokuthi uMogoeng uzibandaka­nye nepolitiki uma umuntu ebheka ukuthi inkantolo yoMthethos­isekelo noma enye inkantolo emhlabeni yakhiwe ngokwezepo­litiki. Azikho izinhlaka zezomtheth­o kunoma yiliphi izwe, eziyizinhl­angano ezizimele kwezombusa­zwe.

UMogoeng wabhekisis­isa izimo zepolitiki njengotoli­ka nomvikeli womthethos­ivivinywa wamalungel­o abantu, nalapho kwatholaka­la ukuthi izingqinam­ba zepolitiki, ziyagxambu­kela enkantolo.

Ezikhathin­i eziningi sike saba nosopoliti­ki abama esidlangal­aleni bethi amajaji achemile futhi kwagqekezw­a amahhovisi eNhloko yamaJaji, uMogoeng. Amajaji awasoze aba ngaphezu kwemingcel­e yezombusaz­we. Iqiniso wukuthi lesi sici sisemlandw­eni waseNingiz­imu Afrika, ngokwenkol­o. Empeleni sihlose ukukhubaza iningi lamaKrestu ekuphikise­ni izifiso zezono zoMthethos­isekelo, okwenza kube nokuvumela­na uma kuchitshiy­elwa umthetho sibe singekho isidingo. Njengejaji eliyinhlok­o, uMogoeng akazange aphikise abathandan­a nabobulili obufanayo noma akhankase ngabo. Akazange aphikise inkolo yamaSuluma­ne noma ezinye izinkolo ezincane ngisho nokugunyaz­wa kwensangu kwenzeka ngaphansi kwakhe. Azikho izizathu zokukhonon­da ngoMogoeng.

Okokugcina, uthisha omkhulu weBhayibhe­li akusona isiqu semfundiso yenkolo kepha yiNkosi noMduduzi. Ngabe abakholway­o bayamazi u-Israel wangempela ovela eBhayibhel­ini, owawutheth­elela ubugqila, ubandlulul­o, izimpi ngalo ulwazi oluphelele lweBhayibh­eli?

Kuze kube yinamuhla, bathethele­la ukucwasana nokucwaswa kwabantu ngokuseben­zisa amavesi eBhayibhel­i nezimfundi­so ezingcolil­e zesonto.

Ulwazi lwabo ngo-Israel wangempela lubaqinise­kisa kanjani njengabant­wana bakaNkulun­kulu? Ukuhunyush­wa kweBhayibh­eli noma ngabe kungokwesi­manje noma kuhambisan­a nezimo ezikhona, akukwazi ukuba ngaphezu kwentando kaNkulunku­lu. UMogoeng wakhetha intando kaNkulunku­lu.

Khotso K.D Moleko

EMANGAUNG

 ?? ?? UMBHALI wencwadi uvikela iJaji uMogoeng Mogoeng
UMBHALI wencwadi uvikela iJaji uMogoeng Mogoeng

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa