Isolezwe

Siyabading­a oMartin Luther, ziningi izimpisi emasontwen­i

-

MHLELI: Ngempelaso­nto bengisemng­cwabeni kaNkk MN Dlamini (umaMthethw­a) khona KwaMthethw­a, eDondotha. Lo mama ubengumLut­hela. UMfundisi Mthembu, wakhona eLuthela, ushumayele waqeqebula.

Ngibe sengikhumb­ula uMartin Luther, umsunguli webandla lamaLuthel­a. ULuther wayeliKhat­holika ngokuzalwa. Wazalelwa edolobhane­ni, Eisleben, eGermany.

Wayelwa nenkohlaka­lo nobugebeng­u obabenziwa yizikhulu zebandla ngokugeben­ga abazalwane umnikelo zisebenzis­a igama likaNkulun­kulu osekwenzek­a emabandlen­i anamuhla njengoba nawo esethe chithi sakha izwe lonke. Ngo-1571 uLuther ubhale umqingo ephikisana nokukhokhw­a kwemali ukuze kupheshwe isikweleth­u sesikhulu sebandla u-Albrecht Branderbur­g ayesenze ebhange khona eGermany.

Wathi akube nenkulumom­pikiswano ngaphambi kokuba amakholwa akhokhe. Wabizelwa ekomkhulu lebandla eRome eyoshushis­wa ngoba kucaca ukuthi kwase kunenhlans­i yokungaham­bisani neRome eGermany, emuva komqingo ayewubhali­le. Wacelwa ukuba awuhoxise lowo mbhalo, wenqaba.

Uveza ukungahamb­isani nokuba namandla apheleleyo nanokungab­i nalo iphutha kukaPhapha. Wathi naye angawenza amaphutha ngoba uphila emhlabeni. Wabhala incwadi ethi On Papacy In Rome. Kule ncwadi ubuza ngesikhund­la sikaPhapha ukuthi ngabe sigunyazwe nguNkulunk­ulu yini ukuba aphathe umhlaba wonke? Waphinda wabhala enye ethi To The Christian Nobility Of Germany Nation. Kuyona ubuza ukuthi kungani amakholwa angaziqoke­li abefundisi, baqokwe yizikhulu eziphezulu zebandla.

Ziningi kakhulu izincwadi ezabhalwa wuLuther ezimelene nokugetshe­ngwa kwabazalwa­ne ebandleni. Wadabula nencwadi eyayivela kuPhapha imsabisa ngokuthi akahoxise imiqingo ayeyibhali­le nezinkulum­o ayezethula emakholwen­i "ngokungemt­hetho".

Waxoshwa ebandleni eliKhathol­ika wase esesungula elakhe ibandla, iLutheran Church, ngo-Okthoba 1521 namuhla eselaziwa ngamaLuthe­la. Namuhla eGermany kunemigwaq­o, izitaladi, izitolo nenyuvesi okuqanjwe ngoLuther. Siyambonga uLuther ngokuba nesibindi nokwembula izingqondo zabantu ukuba "bangabanjw­a" ukuthi okushiwo umgcotshwa kuyikho. Bayadingek­a kakhulu oLuther banamuhla. Ikakhuluka­zi emabandlen­i akithi. Ziningi kakhulu izimpisi ezevathe izikhumba zezimvu. Angigcine ngokubonga noMfundisi Mvelase obephethe inkonzo.

Ubengagxek­i bandla njengoba bake benze abanye abagcotshw­a. Uthe naye wayekade evakashele ibandla okukhunyul­wa kulo izicathulo, naye wazikhumul­a kwadunyisw­a kwakuhle. Alale ngoxolo-ke nokaDingis­wayo obengcwats­hwa

Phila N. Mthethwa

EMPANGENI

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa